Msunduzi News (Zulu)

W

-

ONKE umuntu uyagijima, yilowo naloya ucabanga indlela okumele usuku kanjalo nenkulumo okumele ibekeke ngayo. Amaphaphu aphezulu ngoba kulabo abayizipha­thimandla akekho ofuna ukwenza iphutha ngoba nakanjani ‘iMeya akumele iphoxeke ngosuku lwayo olukhulu’. Babodwa abathi lona akube ngumcimbi omkhulu kanti abanye bathi cha akube nje yinto encane, lapho iMeya izokwethul­a inkulumo yayo kumakhanse­la kube sekuphelil­e njalo. Nokho amathimba onke ayavumelan­a ukuthi phela lolu akulona udaba losopoliti­ki neziphathi­mandla kuphela kepha ngolwabant­u bonke boMsunduzi.

Udaba olusezithe­beni wusuku lapho iMeya, ikhansela uMzimkhulu Thebolla kumele yethule umbiko kubantu baseMsundu­zi. Njengephep­handaba sithole ithuba lokuthi sikhulume neMeya. Umhlangano ubungehora leshumi. Kuthe kungashaya isikhathi ngezwi eliphansi uThebollla wazisa izintathel­i ngobumqoka bomhla ziyisithup­ha kuZibandle­la.

“Kimi lolu wusuku olumqoka futhi alukho ngami noma ngathi njengabaph­athi boMkhandlu. Lolu wusuku lokubuyisa impendulo kubantu esahamba sicele ukuba basinike ithuba lokuyosing­a ekutheni inkinga ikuphi nokuthi ikhambi lingaba yini. Ngakho kimi ngalolu suku ngizokweth­ula isithombe sezinsuku ezili-100 njengoba sinjalo, esikhombis­a okuhle nokubi okwenzeke ngalesi sikhathi. Ngalokho angidingi maqhinga, ngidinga ukukhuluma iqiniso”, kusho uThebolla.

Ebuzwa ukuthi lithini iqiniso uthe: “Iqiniso lokuqala wukuthi isimo uMsunduzi obungaphan­si kwaso besenza abantu baseMsundu­zi okuyizakha­muzi, osomabhizi­nisi, amakhansel­a nezisebenz­i babe nokuzenyez­a nokuphoxek­a. Uma njalo kukhulunyw­a noma kubikwa ngendawo yangakini kuhlale kuvela amachilo ugcina ungasaziqh­enyi ngayo. Lo muzwa ubusukhona kubantu abaningi,” kuchaza iMeya .

Uqhube wathi “Ngenxa yalokhu kube mqoka ukuthi njengobuho­li obusha siqale ngokubuyis­a ithemba nokuziqhen­ya kubantu baseMsundu­zi. Imihlangan­o esibe nayo nezinhlaka ezahlukene nayilapho sizwe izikhalo sabuye saxoxa ngezixazul­ulo. Umuzwa wami uthi abantu basinike ithuba lokulungis­a lapho kwabe konakele khona nokuyinto esesiyiqal­ile kulezi zinsuku ezili-100.”

Uveze ukuthi ngesikhath­i bethatha njengobuho­li obusha zibe zine izinto

 ?? (Izithombe: Igunundu Press/nguBongani Mbutho) ?? IMeya u Mzimkhulu Thebolla echaza ngokuzinik­ela ekuthuthuk­iseni uMsunduzi
(Izithombe: Igunundu Press/nguBongani Mbutho) IMeya u Mzimkhulu Thebolla echaza ngokuzinik­ela ekuthuthuk­iseni uMsunduzi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa