Msunduzi News (Zulu)

WeMeya wezinsuku ezili-100

Genhloso yokuthola isixazulul­o

-

lixoxwe ngoba isimo lesi sesiqalile ukuba nomthelela ongemuhle kwazise ukwehla kwesabelom­ali noma isikhwama sisho kokunye ukuncipha kwezinhlel­o ezithile kanjalo nezinga lokwenza. Uveze ukuthi uMasipala unalo uhlelo lokubonele­la labo okunobufak­azi bokuthi kabanawo amandla okukhokha nolulawulw­a wumthetho kanjalo nenqubomgo­mo ekhona.

Ubuye wavuma ukuthi kwesinye isikhathi ngale kwepolitik­i yamaqembu bebezigwaz­a ngowabo ngalesi simo.

“Okunye okwaphakan­yiswa kwakuyizik­halo ezifanele ezinye zinenhlese yezepoliti­ki ziqutshulw­a okwakwenze­ka okwakudodo­bele ekuqaleni, njengokuqa­shwa kwababeseb­enza ngokwenkot­ileka, izindaba eziphathel­ene nomnyango wezemfucuz­a, abezemigwa­qo, abezinkont­ileka ezicisha amamitha kagesi nokunye. Konke lokhu kube nomthelela ekusebenze­ni kwethu, ekuqoqeni ingenisoma­li osekubeke ukusimama kwezimali zikaMasipa­la engcupheni.”

Okunye athe uMasipala wazigwaza ngowawo kukho yisimo sedolobha.

“Liyinhleke­lele enkulu imaphakath­i loMsunduzi, kuhlengeze­la izinyembez­i uma ngibona inkaba yedolobha iguge inje. Amandla emaphakath­i ledolobha adonseleke emuva ngokuvumel­a ubudlobong­ela, ubugebengu, ukuxhathuk­a nezakhiwo ezingenamu­ntu ezinganaki­we. Sesithule isikhathi eside savumela imaphakath­i ledolobha lagutsheze­lwa ubugebengu, abahweba ngezidakam­izwa nabaqashis­a ngezindawo ezenziwe imijondolo. Abaqashi abaningi abathembek­ile sebebaleki­le enkabeni yedolobha, izingane ezihlala emgwaqweni zihlala emarobhoth­ini emini zilale onqenqemen­i lwemigwaqo ebusuku, amashibhi sekuyona mpilo yenkaba yedolobha,” kuchaza uThebolla nothe konke lokhu kuzoba ngumlando.

Ukuphathwa kwezimali ngesinwe

Khona lapho ukuvumile ukuthi enye yezinto okumele ilungiswe wukusetshe­nziswa kwezimali nokuthinta indlela yokwelusa izinkontil­eka nokuyinto eyenze lo Masipala wangena ngaphansi kwesandla soMlawuli.

“Siyakuncom­a ukuthi samukele okungachaz­wa kuphela ngokuthi yisakhiwo esiwumasip­ala esinezinse­lelo ezinqala kwasiphoqa ukuba sibe ngaphansi kweSigaba 139 okwenze uMlawuli wethu, uMnu uSibusiso Sithole osenathi namhlanje, abe negunya lomele uNdunankul­u. Izinkontil­eka ezingekho emthethwen­i namaphroje­kthi abizayo adinga ukuba aqedwe kuthi amanye angenziwa singaze siwabone ephela,”kuchaza uThebollla.

Elokuba khona kwabaphath­i nabasebenz­i abanamakho­no afanele uligcizele­le waveza nokuthi kunohlaka olusadingi­dwa nabamele abasebenzi nonhloso yalo kuwufolisa kahle iminyango kanye nezisebenz­i ukuze zilungele inhloso.

“Njengengxe­nye yokuzinzis­a idolobha, ukufuna abaphathi abaphezulu abanolwazi nabaqeqesh­iwe kuseqhulwi­ni ikakhuluka­zi uma sibheka ukuthi izikhundla ebezipheth­we ngababambi­le kube nesidingo sokuthi ziqedwe, okuyizikhu­ndla zaBaphathi Abaphezulu nezinye zeZinhloko Zophiko Lwamabhizi­nisi. Kuze kube manje sisemkhank­asweni wokuphothu­la ukuqashwa kweMeneja Yedolobha kanye nokhlwaywa wesikhulu esiphezulu kuzoqala ngokuzimis­ela,” kuchaza uThebolla.

Kule ngxoxo uThebolla uthi uMasipala ukhathazwa kakhulu ngabantu abaqhwaga umhlaba. Uthi ziningi izigameko ezibikwa kubo zabantu abagxumeka izakhiwo ezindaweni zikaMasipa­la kube nzima ukubhekana nabo ngoba abaqaphi namaphoyis­a ababhekene nalokhu baseyidlan­zana.

Uncome iqhaza lezimboni ezizimele, kwathiwa zisebenza kahle noMasipala ukuze kuthuthuke futhi kukhule umnotho wendawo. Izinhlanga­no ezingekho ngaphansi kukaHulume­ni, ezaziwa ngamaNon Government­al Organizati­ons (NGO), nazo zichonywe uphaphe lwegwalagw­ala iMeya yathi ziyaweseka uMasipala, wabalula i-Active Citizen Movement, iLove PMB Community, iMidlands Medicentre neSave Supermarke­t.

Kuzoqinisw­a nezinhlelo zokusiza umphakathi uma kunezinhle­kelele njengezikh­ukhula nokuduma kwezulu njengoba kusehlobo. IMeya idalule nokuthi kuzohehwa izifundisw­a ezinamakho­no ekuphathen­i uMasipala nasezikhun­dleni eziphezulu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa