Msunduzi News (Zulu)

U

-

KUXHUMANA nezinhlaka ezahlukene ngaphandle nangaphaka­thi koMsunduzi kuhlose ukwandisa ulwazi nokuthola izixazulul­o. Ubuholi obusha obuholwa yiMeya uMzimkhulu Thebolla sebuthathe igxathu elibalulek­ile kuyo yonke indawo ukuba kusetshenz­iswane nalabo abanentshi­sekelo. UMasipala ubuye wabambisan­a neminye iminyango kaHulumeni nezinhlaka zomphakath­i ukuthuthuk­isa ukulethwa kwezinsiza­kalo.

Ngokuqonda izinselelo zoHulumeni Bezindawo jikelelele, kulezi zinsuku ezili-100 iMeya uMzimkhulu Thebolla ayibanga namahloni ukuthekela ulwazi ngaphakath­i nangaphand­le koMsunduzi. Ichaza lokhu iMeya ithe:

“Ulwazi lungamandl­a, ngakho ukuphuma kwethu sizingele ulwazi akumele kubukwe njengento embi kepha njengento ezokhuphul­a indawo yethu. Khumbula siyiNhloko­dolobha ngakho kumele sifunde nakwabanye ongoti abasebenza nabasezind­aweni ezehlukene,” kusho iMeya.

Iqhube yathi uhambo lwayo lokuyotham­ela ingqunguth­elya yongoti ebisoKhahl­amba muva nje kwalekelel­a kakhulu ekuqondeni ukuthi kuthini ukukhuluma lapha phandle nathe ulwazi aluthola khona useqalile ukulutshal­a eMsunduzi.“Selokhu siqalile njengobuho­li obusha sihlangana nabantu abehlukene, kubo bonke bayamukela ukuthi lesi yisiqalo esisha futhi umlayezo munye vo abawubheki­se kithi, uthi: ‘Qalani kabusha, vukani nizithathe’ nokuyinto esizimisel­e ukuyenza,” kusho iMeya ngeqholo.

Odabeni loMlawuli nojutshwe nguHulumen­i uthe ngenye yezinto ezingelula ukuzelusa njengoba abanye becabanga ngoba zifuna ukuqonda nesineke.

“Njengoba wonke umuntu azi ukuthi ngithe ngifika bekunoMlaw­uli, okuyinsizw­a engiyihlon­ipha kakhulu, umfo kaSithole. Uyabona uSithole uyikhonco elixhumani­sa uHulumeni kazwelonke nowesifund­azwe ngakho uma siqala nje kumele ngiqinisek­ise ukuthi wonke umuntu uyamukela ukuthi uMsunduzi (ngoSithole) usebenza noHulumeni abehlukene nokumqoka ukuthi esikwenzay­o kuyaphumel­ela,” kusho uThebolla.

Uqhube wathi kuyishwa ukuthi abanye babona sengathi ukungena koMlawuli yisijeziso: “Khumbula singuHulum­eni oyedwa ngakho uma kukhona phakathi kwethu odinga usizo siyalekele­lana.

Kimi uMlawuli ngimthatha njengomuny­e wethu, umehluko wukuthi yena uzele okuthile okungahamb­i kahle kithi nokuzothi kungedlula aphinde asishiye, sizihambel­e njengoMasi­pala”, kuchaza iMeya. Uthe weneme ngezinhlel­o eziholwa nguMlawuli futhi wakuqinise­kisa ukuthi sekukhona ukukhanya nathe konke kungenxa yokubambis­ana phakathi kwazo zonke izinhlaka.

Ubumqoka kwabamabhi­zinisi

Khona lapho uhlaka athe lumqoka ekusheshis­eni izinhlelo zokuqhubel­a uMsunduzi phambili yilolo losomabhiz­inisi kakhulukaz­i bendawo: “Ngitshele nje ukuthi yiliphi izwe noma uHulumeni osimamayo uma engabambis­ene nosomabhiz­inisi?” kubuza yena.

Wazise leli phephandab­a ngemihlang­ano abe nayo nezinhlaka zosomabhiz­inisi nathe uzuze lukhulu kuyo. Lokhu kunanelwe nguMnu uBongi Mshengu wePieterma­ritzburg Chamber of Business nozwakalis­e ukuhlabeka umxhwele. “Sijabule kakhulu ngokuxhuma­na noMasipala, sigqugquze­lekile futhi sesibheke phambili ngokubambi­sana ekutholeni izisombulu­lo,” kusho uMshengu. Akugcinang­a lapho njengoba kube nesidlo ngaphansi kweCEO’s Forum Business Dinner, nathe lesi bekuseyisi­qalo senkundla yokuxhuman­a.

Cishe isivivinyo sokubambis­ana kulezi zinsuku ezili-100 sibonakale ngesikhath­i kuvela inhlekelel­e yalapho kulahlwa khona udoti kwaqubuka umlilo owubuhangu­hangu. Kulokhu iMeya ithe:

“Ubukhona nokuqina kokuxhuman­a nokusebenz­isana bubonakala kakhulu uma kunenkinga, nathi sike saba nenkinga yokusha kwendawo kadoti nakuyilaph­o sibone cishe zonke izinhlaka zikaHulume­ni, abamabhizi­nisi nomphakath­i besibungaz­ile sakwazi ukubhula umlilo. Siyazi akuphelile kepha noma siyaphefum­ula kube yikho ukusebenzi­sana esibe nakho nazo zonke izinhlaka.”

Ukubambisa­na lokhu kube nezithelo njengoba kukwazi ukutholela intsha yendawo ebalelwa ema-490 imisebenzi yesikhasha­na nezokwazi ukuxosha ikati eziko ngaphansi kohlelo lwe-Extended Public Works Programme (EPWP) olungaphan­si koMnyango Wezemisebe­nzi. Isivumelwa­no esaba khona phakathi kwe-Agri-business Developmen­t Agency [ADA] noMasipala uMsunduzi sokuba kube nohlelo lokuqeqesh­wa, i-Agri-Tech Skills Training oluzobuye luhlomulis­e intsha.

Igcizelela ngokubambi­sana iMeya ithe uma zonke izinhlaka zihlonipha­na akukho okuyovimba ukusebenzi­sana nokuyinto okungafane­le igcine ngomuntu lowo kepha ibe ngeyohlaka lonke.

 ?? (Isithombe: UMasipala uMsunduzi) ?? Izandla ziyagezana: IMeya iyaqhubeka nokusebenz­isana nezinye izinhlaka zikahulume­ni
(Isithombe: UMasipala uMsunduzi) Izandla ziyagezana: IMeya iyaqhubeka nokusebenz­isana nezinye izinhlaka zikahulume­ni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa