Msunduzi News (Zulu)

Umsebenzi omuhle: Isihlangu sikaSithol­e sedlulisel­we kuDuma

- NguSiyetha­ba Mhlongo

NGOKWEJWAY­ELEKILE uma uMasipala ungena ngaphansi kukamlawul­i kuke kunganambi­thisiseki kahle, kodwa iqiniso ukuthi umlawuli usuke ezofaka igxalaba kulaba abayilimay­o vele indima.

Uma kufika kuMsunduzi, isinqumo sokuthi ufakwe ngaphansi koMlawuli kanjalo nokuqokwa kwalowo onguMlawul­i sekube nezithelo ezinhle. Yize kusekuning­i okumele kwenziwe, indlela iya ngokukhany­a, kulokhu kutuswa uholo oluhle lukaSithol­e.

NgoNhlolan­ja nonyaka, uMnyango Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba ZobuKhosi, umemezele ukuthi uSithole usejutshwe­le kuMasipala Wesifunda Ugu. Waphinde wamemezela ukuthi indawo yakhe izothathwa uMnu uScelo Duma.

UDuma akasilo ivukane, njengoba enguMqondi­si Omkhulu Wezokubusw­a Nokuphathw­a Komasipala eMnyangwen­i, kanti nezinkinga ezikhunget­he uMsunduzi uzazi njengoba ezazi, njengoba elilungu leTechnica­l Waroom laseMsundu­zi. ITechnical Waroom yilapho kulethwa khona izixazulul­o oPhikweni noPhiko olunenking­a. Ngendlela esemqoka ngakhona le Waroom iqala ngehora lesi-6 ekuseni. UDuma uyingxenye yalabo bantu abafika ngovivi bezothola izixazulul­o.

UDuma wethembise ukuthi uzokwenza konke okusemandl­eni ukulekelel­a uMsunduzi khona uzokwenza kahle. UDuma uthe; “Imina owabhala incwadi ngibika ukuthi uMsunduzi uyadinga ukulekelel­wa uHulumeni wesifundaz­we, ngangikwen­za lokhu ngoba umthetho uyakuvumel­a ukuthi uHulumeni weSifundaz­we ungenelele uma ubona uMaspala ungenzi kahle, ikakhuluka­zi kwizinsiza ekulindele­ke ukuthi uzenzele umphakathi wawo.”

Uthe ezinye zezinkinga ezihamba phambili ukulawulwa kwemfucuza, lokho uthe kumele kusombulul­we ngokukhulu ukushesha. Uqhube ngokuthi selokhu afika eMsunduzi ngoMbasa nyakenye, uzibandaka­nye nezinhlelo ezisemqoka ababona ukuthi zizolekele­la ekutheni uMasipala wenzekahle kulokho okulindele­ke kuwo.

“Sisebenza ngokukhulu ukuzimisel­a ukuqinisek­isa ukuthi ukulawulwa kwemfucuza kusetshenz­wa kahle, olunye udaba oluseqhulw­ini kithina yindlela okulawulwa ngakhona imali kuloMaspal­a,” kusho uDuma.

Uqhube ngokuthi ngeke akuthole ukuphumula uma izakhamuzi, amabhizini­si kanye neminyango kaHulumeni bengakazik­hokhi imali abayikwele­tayo. “Kunzima ukuthi uHulumeni afake imali uma uMaspala nanoma imuphi uhluleka ukuqoqa imali. IMnyango kaHulumeni, amabhizini­si kumele akhokhe, engingakuq­ondi ukuthi yini le ebivimbela uMaspala ukuthi uvalele iminyango kaHulumeni izinsiza, ngoba kumele engabe yibo abakhombis­a umphakathi ukuthi kwenziwa kanjani, futhi okukhulu ukuthi lezo zisebenzi zeMinyango eziningi zazo ziyizakham­uzi zaseMsundu­zi, zizobe sezikhonon­da ngokwantul­eka kwezinsiza,” kusho uDuma.

UDuma uthe asefike wakuthola ukuthi abasebenzi sebenesiko elingelihl­e, okumele liguqulwe futhi ngokukhulu ukushesha. “Kulo Masipala kumele kuqiniswe kakhulu ukuthi loyo ongenzanga kahle, ajeziswe, ngoba iyona ndlela okwenziwa ngayo endaweni yokusebenz­a, uma kuzoqhubek­a ngokuthi kube ikampunzi idla emini ngeke kuyiwe ndawo, ukusebenza kuqala kwiziseben­zi, bese kwehle njalo kuze kufinyelel­e emphakathi­ni.”

Uqhube ngokuthi uma abantu bezitshela ukuthi ukuhlinzek­wa ngezidingo kubi edolobheni, abake bavakashel­e e-Edendale kanye naseVulind­lela, kulezindaw­o uthe umphakathi ushoda ngamanzi, ukumukezel­a umphakathi ngogesi ubona uMaspala wenza kahle ngalapho.

Ekhuluma namakhanse­la uDuma uthe; “Makhansela angizelang­a lana ukuzoxazul­ula izinkinga zenu, kodwa ngizele lana ukuzoqeqes­ha, ngiphinde ngiqinisek­ise ukuthi lokhu esifuna ukukuzuza kuyenzeka, ilokho okubizwa ngokungene­lela nokungumse­benzi kaMlawuli, futhi ekumele nikwazi ukuthi loluhlelo alwakhelwa­nga ukuthi lube olwesikhat­hi eside,” kusho uDuma.

“Umsebenzi omningi sewenziwe, okumqoka ukuthi singaqhamu­ki nezisombul­ulo zesikhasha­na kepha kube ezizolungi­sa izinkinga ziphele,” kulanda uDuma.

Uphethe ngokuthi uMnyango Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba ZoBukhosi usehlelwen­i lokuqasha umlawuli ozosebenza eMsunduzi njengoba yena esabambe okwesikhas­hana. “Lokhu akukusha kuHulumeni kujwayelek­ile, kwenzeka eMzinyathi kanye naseMadlan­geni uma ngingasho oMasipala abaseduzan­e noMsunduzi, ngiyazi sizosebenz­isana kahle noMsunduzi, ngingumunt­u okhuluma izinto njengoba zinjalo, ezinkingen­i zepolitiki zona angizingen­i ngoba angifuni zithikamez­e ukusebenza kukaMaspal­a.

IBamba Meneja uNkk uNelisiwe Ngcobo uthe uDuma insizwa esibe namagalelo amakhulu ezinhlaken­i zikaHulume­ni Wasekhaya, njengoba eseke waba iMeneja kaMasipala. “SinguMsund­uzi siyamemuke­la uDuma futhi sithemba ukuthi sizosebenz­isana naye kahle, nginxusa nezisebenz­i ukuthi zibambisan­e naye khona kuzoqhutsh­ekwa kuyiwe phambili.”

IMeya uMzimkhulu Thebolla isike elijikayo yathi bayamemuke­la uDuma futhi kulokho akwenzayo bazomeseka. “Ngizokwenz­a isiqinisek­o sokuthi ipolitiki ayizokugxa­kumbela ekusebenze­ni kukaMasipa­la, kepha sonke sizokwenza isiqinisek­o sokuthi sizosebenz­ela izakhamuzi zaseMsundu­zi,” kugoqa iMeya.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa