Msunduzi News (Zulu)

Impumelelo yoMsunduzi eyesiFunda­zwe

UHulumeni wesifundaz­we akamile kepha welusa isinqumo sakhe sokungenel­ela khona lapho kuyavela ukuthi izinto ziyenzeka

- NguSiyetha­ba Mhlongo

IQINISO lithi ukufakwa kukamasipa­la noma ngabe yimuphi ngaphansi komlawuli akusona isijeziso kepha wuhlelo lokulungis­a isimo. Kufana nje nokugula komuntu bese eya emtholampi­lo ngenhloso yokubhekan­a nesimo sempilo ukuze abuyele esimweni. Lokhu kube sobala ngesikhath­i iSigungu sikaHulume­ni waKwaZulu-Natal sijuba uMphathisw­a ukuba phakathi kokunye ezokwelusa uhlelo lokungenel­ela. Emhlanganw­eni wakamuva bekukhona uMhlonishw­a uRav Pillay, iMeya yoMsunduzi ikhansela uMzimkhulu Thebolla, iSekela Meya ikhansela uMahnilal Inderjit, uSomlomo ikhansela u-Eunice Majola, uSotswebhu ikhansela uVusi Ntshangase kanye noMlawuli uMnu uSibusiso Sithole. Omunye obekhona yilungu elinamava kuHulumeni nowake waba ngumphathi­swa koHulumeni Bendawo uMnu uMike Mabuyakhul­u.

Akuyona imfihlo ukuthi phezulu eqhulwini lo Masipala, uMsunduzi, uzibopheze­le ekulungise­ni isimo sezimali. Ukuvakashe­la kukaPillay kumqoka ngoba phela nguye ophathiswe ezezimali nokungathi uma izeluleko zakhe zamukelwa kube lula ekuphumeni obishini kukaMasipa­la. Okukhuthaz­ile ngalo mhlangano wukuthi bonke abathintek­ayo bebekhiphe­lana izifuba ngalokho okuyinking­a kanjalo nezixazulu­lo eziphuthum­ayo.

Kulo mhlangano kuvelile ukuthi yize uMasipala unenkinga yezimali kepha ikhona imali eningi okweletwa yiminyango kaHulumeni. Kuvele ukuthi inani elikweletw­a yiminyango kaHulumeni kuMaspala lilinganis­elelwa ezigidini ezili-R180. Njengenxen­ye yokuvulela­na izifuba udaba lokungcola kwedolobha lubukiwe kwamukelwa ukuthi yize kukhona okwenziway­o kepha kuningi okusengenz­iwa. Okunye okuvelile ngaphansi kwalesi sihloko wukuthi kunezinsiz­akusebenza ezebiwe yizinswela­boya, kanti ezinye zifile, nokuthikam­eza indlela izisebenzi ebezihlele ukuthi zizosebenz­a ngayo. Kube ngu ‘elethu’ ekutheni phezu kwezingqin­amba abantu baseMsundu­zi bafanelwe ngokungcon­o, ngakho kuyomele kuqhutshek­we nokutholwa kwesixazul­ulo esiphelele­yo.

Odabeni olubucayi nolumayela­na nokulondol­ozwa kwabathand­iweyo, umhlangano wathola umbiko othokozisa­yo. Kwavela ukuthi zisahamba kahle izinhlelo zokulungis­a amathuna iMountain Rise. Kulokhu kwenzeke okungajwal­yelikile ngesikhath­i uMasipala uzinuka amakhwapha uvuma ukuthi ezinye izinkinga zidalwa yiwo qobo ngasohlang­othini lweziseben­zi. Isibonelo kube wudaba lukagesi kanye nezokuphep­ha. Abamele uMasipala bavumile ukuthi bangenza kangcono kunalokhu isimo esiyiso njengoba amalambu kwezinye izindawo engakhanyi nokubeka umphakathi engozini. Khona lapho namalungu omphakathi aphathekil­e njengemban­gela njengoba kuvele ukuthi akhona akokotela ugesi nokuvame ukuba nomthelela ekudlakaze­keni kwengqalas­izinda.

Kuvele ukuthi uMasipala unesibalo esiphezulu sabantu abadla izindawo. Lena yinkinga kuzwelonke kepha uMsunduzi ukuvezile ukuthi zikhona izinhlelo zokubhekan­a nalesi simo. Umhlangano uvumelene ngobumqoka bokuvikela umhlaba kaMasipala nowamabhiz­inisi ngenhloso yokuqinise­kisa ukuthi umnotho wendawo kawuphazam­iseki.

Kulo mhlangano isithombe sibe sobala ukuthi uHulumeni wesifundaz­we uyafisa ukuthi uMsunduzi uphume otakwini noluyinto engeyinhle kubantu nasemnothw­eni wendawo kepha nowesifund­azwe iKwaZulu-Natal, uMsunduzi oyinhloko yayo.

 ?? (Isithombe: nguSiyetha­ba Mhlongo) ?? Ithimba likaHulume­ni wesiFundaz­we beliyohlol­a uhlelo lokungenel­ela eMsunduzi
(Isithombe: nguSiyetha­ba Mhlongo) Ithimba likaHulume­ni wesiFundaz­we beliyohlol­a uhlelo lokungenel­ela eMsunduzi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa