UMasipala nokuguqula imfucuza ibe ugesi
UMkhandlu usuvume uhlelo lokuguqula imfucuza ibe ngugesi nokuzovikela imvelo konge nogesi
KUBANTU abaningi imfucuza yimfucuza. Nokho uMasipala uMsunduzi uqome ukwenza ngenye indlela. Muva nje uMkhandlu usuvumile isethulo esenziwe ngumphathi woPhiko Lwezindawomqoka Zedolobha, uMnu uSipho Zimu sokuguqula imfucuza ekhiqizwa eMakethe yaseMsunduzi ukuba ibe ngugesi. UZimu esethulweni sakhe uthe: “UMasipala uchitha imali cishe engangezi-R23 000 njalo ngenyanga uthutha imfucuza iwususa eMakethe iyolahlwa eLandfill Site. Ngakho ngalolu hlelo lokuguqula infucuza ibe ngamandla kagesi sihlose ukwehlisa izindleko zokuthuthwa kwemfucuza, sivule amathuba omsebenzi siphinde sehlise izindleko zikagesi.”
Echaza ngalolu hlelo uthe bazoqala ngokuphehla ugesi ozosebenza eMakethe kuphela uma sebebona ukuthi lolu hlelo selusebenza ngokwanele bese belusabalalisa. Uthe lolu hlelo ezinye zezinhloso zalo ngukunciphisa imfucuza eya eLandfill Site, kuphinde kwehliswe nalobu buthi obukhiqizwa imfucuza okunukubeza umoya, ososayensi abalubiza ngeCarbon Dioxide okuholela ekutheni kube nokuguquguquka kwesimo sezulu.
“Ngokuthola kwabacwaningi bathe le mfucuza engukudla, kanye nezitshalo yiyo ekhiqiza lo moya ongalungile kakhulu uma kuqhathaniswa nenye imfucuza. Sizoyinciphisa ngokuthi siyophehla ugesi ngalokho sizohlenga umhlaba siphinde songe nendawo eLandfill Site, okuzokwenza ukuthi ibe nempilo ende,” kusho uZimu.
Uqhube wathi izakhamuzi zaseMsunduzi zizohlomula ngokuthi ziphefumule umoya ohlanzekile, ziphinde zihlomule ngenqabakutholwa kagesi ngoba awuzophehlwa ngendlela eyejwayelekile, infucuza izophenduka usizo.
“Zikhona izinto ezingaphazamisa ekutheni lolu hlelo luhambe kahle njengesomiso lapho uMasipala ungeke ukwazi ukukuvimba kodwa sibone ukuthi ukuze singazitholi sesiba nenkinga ekukhiqizweni kukagesi. Imfucuza ingabhekwa ukuthi izotholakala endaweni eyodwa okuyiMakethe kepha kusetshenziswe nalona ozoqoqwa emzini yabantu,” kusho uMnu uZimu.
“Okunye okusemqoka ngukuthi sizokhiqiza isikhuthazi noma umquba ongenawo amakhemikhali angaholela ekutheni kugqilazeke izitshalo,” kulanda uMnu uZimu. Uveze ukuthi izinkampani ezizoxhasa ngokwezezimali kulolu hlelo iGlobal Climate Fund. UZimu uthe abaxhasi babheke izinto ezimbili, okokuqala ukuthi uMasipala wenzani ukuze isimo sokungcola singaqhubeki, okwesibili ukuthi wenzani ukuzama ukubuyisela isimo kwebesiyikho.
“Lolu hlelo luzohlenga imvelo njengoba sibona kuba nezikhukhula ezinkulu. Uma sihlenga imvelo sibala ngisho nezilwane, kanye nokuthinteka kwengubomkhathi ngoba lokho kukhinyabeza nezitshalo okuyizo ezipha abantu umoya.”
UMnyango Wezemvelo uyingxenye yalolu hlelo kanye nebhange iDevelopment Bank of Southern Africa (DBSA).
UMsunduzi ungomunye boMasipala abayisi-6 abayingqalabutho noma abaqalayo ukwenza lolu hlelo eNingizimu Afrika. Inhloso akusikona ukuthi lolu hlelo luphelele kulabo Masipala abayisi-6 kepha ngukuthi nabanye bananele kanjalo nakwamanye amazwe angomakhelwane. Babili oMasipala abazohlomula esifundazweni iKwaZuluNatal, uMsunduzi kanye noMhlathuze. UMasipala iNewcastle uzongena esigabeni sesibili.
UMnu uZimu ngokusebenza kwalolu hlelo uthe; “Thina singuMsunduzi sizosebenza ngaphansi kohlelo i-Anaerobic Digestion lapho kuzobe kunomshini opheka imfucuza, ozokhiqiza igesi ezobe seyijikwa seyiba ugesi, ongenza noma yini engenziwa ugesi ojwayelekile.”
UMnu uZimu uthe kulindeleke ukuthi kusungulwe amathuba omsebenzi angama-20. Ngokohlelo uthe kuzobhekelelwa kakhulu abantu besifazane ngoba yibona kakhulu abenza imsebenzi emningi ehlangene nokungcola noma abakha kakhulu ukungcola ngoba bayapheka futhi bayacwecwa.
UMsunduzi ususesIgabeni sesithathu ngalolu hlelo. Isigaba sokuqala kwakufika abacwaningi okuyinkampani iJG Afrika bezobona ukuthi ukuthuthwa kokungcola eMsunduzi kusebenza kanjani. Isigaba sesibili kwaba ngukuqhamuka namaqhingasu angenzeka koMasipala, nokuyilapho ekutholakale khona ukuthi uMsunduzi ungakwazi ukwenza i-Anaerobic Digestion, nokuthi malini iDBSA ongakwazi ukuyifaka kulolu hlelo. “Ngokohlelo loMsunduzi ukuthi luqale ukusebenza ngowezi-2022,” kusho uMnu uZimu.
UZimu uphethe ngokuthi lolu hlelo njengoba luzoqala esakhiweni sikaMasipala esiseMkondeni kodwa inhloso ngukuthi lusabalale, lukapakele nasezindaweni eziwakhele. “Isizathu esenza ukuthi singavele siqale siphakele nomphakathi ngukuthi asifuni ukusokolisa umphakathi uma sesihlangana nezingqinamba kwazise phela lolu hlelo luyaqala eNingizimu Afrika. Umphakathi sizowuphakela uma sesizibona ukuthi nanoma yiziphi izinkinga siyakwazi ukuthi siziphunge ngaphandle kokuthi kuphazamiseke ukuhlinzeka ngogesi,” kusonga uZimu.