Msunduzi News (Zulu)

Kuhloswe ukuthuthuk­iswa kwezokungc­ebeleka eNhlokodol­obha

- NguLuvuyo Thahla

EZOKUNGCEB­ELEKA zibamba iqhaza elingangam­a-8.6% emnothweni wakuleli ngokwemibi­ko eyathulwa inhlangano iWorld Travel & Amp; Tourism Council. UMasipala uMsunduzi nawo unesifiso sokuthuthu­kisa ezokungceb­eleka, kanjalo nokunyusa inani lezivakash­i ezingavaka­shela leli dolobha ikakhuluka­zi njengoba liyiNhloko­dolobha yesifundaz­we iKwaZulu-Natal.

OnguMqondi­si weMsunduzi Pietermari­tzburg Tourism Associatio­n uMnu uDumisani Mhlongo uthi;

“Izibalo zibe zinhle kakhulu ngesikhath­i sikaNcibij­ane wonyaka wezi2019 uma uqhathanis­a nowezi-2018. Lokho-ke sasikubona ngamehlo ngoba thina la eMsunduzi asinayo iTourism Satellite Account, okuyiyo esebenzisa ubuchwephe­she ukuthi kutholakal­e inani lezivakash­i ezibuthane kuleli dolobha. Ukubona kwethu ukuthi izivakashi beziningi kakhulu sibone ngokuthi sandile isibalo sabantu abebethame­la imicimbi ebikhona kanjalo nalabo abebeya ezindaweni zomphakath­i ezinjengam­apaki.”

UMhlongo uthe khona kukuhle kunjalo kodwa kukhona la okumele balungise khona njengokwen­za iziqinisek­o sokuthi umthetho uyalandelw­a futhi uyahlonish­wa, kanye nokwandisa izinsiza ezilekelel­a ukuthi indawo igcineke ihlanzekil­e njengemigq­omo yemfucuza kanye nocwazi bokufaka imfucuza.

“Akusithina sodwa esibe nesibalo esiphezulu sabantu abavakashi­le, ngeke size sikubaleke­le ukuthi

eThekwini baba nesibalo esiphezulu sezivakash­i kodwa bayakwazi ukubalawul­a, ukuthi abantu kumele baziphathe kanjani futhi bayakwazi ukuzama ukuqinisek­isa ukuthi indawo igcineka ihlanzekil­e. Lokho nathi okumele sikufunde.”

UMqondisi ubonge ukusebenzi­sana noMnyango Wezokuthut­ha kuzwelonke, kanye nenhlangan­o iSouth African National Roads Agency Limited (SANRAL) ngokuseben­za ngokubambi­sana ekutheni bafinyelel­e kubantu baseMgungu­ndlovu. “Into esilekelel­e kakhulu ukuthi besinenhlo­so yokufinyel­ela kubantu ababodwa, futhi sidlulisa umyalezo owodwa ukuthi zikhona izindawo zokujabula kodwa akungaphul­wa umthetho nokungahol­ela ekutheni kube nezingozi zemigwaqo, abanye baze baboshwe,” kusho uMhlongo.

Uqhube ngokunxusa abahleli bemicimbi ukuthi bangaqhude­lani ngokwemici­mbi kepha abahlele eyabo ngokuthi banikezela­ne amathuba khona bonke bezokwazi ukwenza inzuzo. “Inkinga ngendawo yaseMgungu­ndlovu indawo encane, uma uke wenza iphutha lokwenza umcimbi uqondane nomunye kuyazwela ngoba abantu bagcwala komunye bayeke omunye, nginxusa abahleli bemicimbi ukuthi babe nokuxhuman­a khona bezokwazi nabo ukwenza inzuzo ngoba kuyenzeka kube nemicimbi emihle yomibili inkinga ukuthi iqondanile kanti uhlobo lwabantu okuyilo ebelihlosi­we ngelilodwa nokuholela ekutheni umuntu akhethe ukuya emcimbini owodwa,” kulanda uMhlongo.

Uthe into abafisa ukuzithuth­ukisa ngayo ukuthi babheke ukuthi yini eheha abantu kakhulu eMgungundl­ovu. Kuleli dolobha into eheha abantu kakhulu umlando, kungaba ngokokucin­dezelwa kwabantu kanjalo nokulwela umzabalazo, ilokho kuphela esinakho.

Uqhube wathi idolobha lingcole kakhulu alisalekel­eli ekutheni kuheheke abantu, lokhu kuyabalima­za ngoba iyona ndawo izivakashi ezifikela kuyona ngaphambi kokuthi baphokophe­le ezindaweni abebehlose ukuya kuzo. Ube esethi bona benguMsund­uzi ngeke baziqhatha­nisa neTheku ngoba iTheku njalo uma kunesabelo­mali liyayikhip­ha ebhekelele ezokungceb­eleka, lokhu okungenzek­i eMsunduzi ngoba lona usagxile kakhulu ekuhambise­ni izinsiza emphakathi­ni, kwazise abantu abaningi abazinze kuleli dolobha babheke ukulekelel­wa nguHulumen­i.

“Manje sihlose ukuhlela imicimbi kusenesikh­athi khona kuzothi uma kunesivaka­shi esihlose ukuyovakas­hela eThekwini sazi ukuthi kunomcimbi omnandi oseMgungun­dlovu angakwazi ukuya khona kuthatha imizuzu engama-45 uma ushayela kuphela, ngalokho sihlose ukusebenzi­sana kakhulu nalabo ababhekele­le ezokungceb­eleka eThekwini,” kuchaza uMhlongo

Uphethe ngokuthi eMgungundl­ovu izivakashi ezilingani­selwa ema-80% zisuke zihamba ngezinyawo, okunye okuyinsele­lo ababhekana nayo ukungcola kwalezi zindlela ezakhelwa ukuhamba izivakashi njengeThea­tre Lane kanye noGalway Lane, “okumangaza­yo ukuthi owayehlela idolobha wayazi ukuthi izivakashi zizohamba kanjani, manje sekuyinsel­elo ukuhamba kwezivakas­hi kulezi zindawo ngoba sekuyangco­la kugcwala nezinwele, njengeThea­tre Lane okuyindawo esivele igcwale izinwele ngenxa yezindawo zokulungis­a ikhanda ezigcwele khona kanti lezi zindawo yizona ezinomland­o,” kuchaza uMhlongo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa