Msunduzi News (Zulu)

UMkhandlu neqhingasu lokwenza o

Kuhlangane Amakhansel­a kanye nezisebenz­i ngenhloso yokuqhamuk­a namaqhinga­su okutakula uMkhandlu

- NguSiyetha­ba Mhlongo

AKUSIYONA imfihlo ukuthi uMasipala awenzi kahle. Empilweni okusemqoka ukuqala uvume ukuthi awenzanga kahle ukuze uzokwazi ukuthola izixazulul­o zalapho ophazame khona. Nakulolu daba ubuholi baseMsundu­zi buyazibona ukuthi abenzi kahle. Sebunqume ukuhlangan­a basebenzis­ane ukuze bathole izisombulu­lo ezinkingen­i ezibukhung­ethe.

IBamba Meneja yoMkhandlu uNkk uNelisiwe Ngcobo ephakathi kobuholi baseMsundu­zi lithe njengeHhov­isi lalo banqume ukuthi bameme inhlangano iCity’s Network. Ubuholi boMsunduzi bungamalun­gu eCity’s Network, buphinde busebenze ngokubambi­sana ukuze bathole imibono eyahlukahl­ukene engalekele­la ekutheni batakule uMsunduzi. “Njengoba sesiphakat­hi nesabeloma­li sonyaka wezi2019/20 ngalo mhlangano sihlose ukuthola izindlela ezizokwenz­a ukuthi senze okwehlukil­e kunalokhu esasikwenz­ile siqala lesi sabelomali. ICity’s Network yiyo ezosilekel­ela ekutheni siqhamuke namasu amasha siphinde sithathe izinqumo ezimqoka ezizokwakh­a lo Masipala,” kusho iMeneja.

Oyisikhulu seCity’s Network uMnu uSithole Mbanga uqale ngokulandi­sa ukuthi uMsunduzi uyingxenye noma ungamalung­u eCity’s Network ngoba ungomunye boMasipala abayisi-9 abokuqala ngesikhath­i kuthulwa uhlelo loHulumeni Basekhaya, nokwenza ube ngomunye boMasipala okungamele bangenzi kahle ezweni. “Isizathu esenza sibe seMsunduzi kungoba uMsunduzi kanye neMangaung bayahlulek­a ukwenza okulindele­ke kubo. Sinqume ukuthi sifike nendlela eyehlukile ezolekelel­a ekutheni kufikwe nezixazulu­lo, leyo ndlela eyokuthi izinto zenziwe zibonakale njengasenk­ulisa kunokuthi kusetshenz­iswe iPower Point nokuyiyo eyejwayele­kile,” kusho uMnu uMbanga.

Ukuhlukani­sa uMasipala izigamu iyona ndlela eyenza kube lula ukuwulawul­a. Nakulo mhlangano kunxuswe izikhulu zama-Unit ngokuhluka­na kwawo ukuba zethule izingqinam­ba ezibhekene nazo, nokuthi yikuphi ezibona ukuthi kungaba izixazulul­o zalezo zinkinga. Obekuhluki­le kulokhu ukuthi esinye isikhulu senye i-Unit besikwazi ukuthi sifake uvo lwaso ukuthi yikuphi ababona kungalekel­ela kuleyo Unit ekutheni yenze kahle.

Izinsizaka­lo zomphakath­i

Isikhulu se-Unit yeZinsizak­alo Zomphakath­i uMnu uMbangeni Mathe uchaze i-Unit njengokuyi­yo abayibuka njengehamb­isa noma elekelela ngezinsiza­kalo emphakathi­ni, “Lokho ngikushisw­o ukuthi yithina esibhekele­la ukuqoqwa kwemfucuza emphakathi­ni, ukulawula isiminyami­nya emgwaqweni, kanye nokunqunyw­a kukatshani,” kulanda uMnu uMathe. Ubekha phezulu, okunye okwenziwa ile Unit ukucisha imililo, ukuqapha nokulawula izinhlekel­ele ezenzeke emphakathi­ni, amathuna kanye nokulungis­a amapaki.

Uveze ukuthi ngokubambi­sana neUnit yeZokuqash­a sebekwazil­e ukuqasha amaphoyisa omgwaqo angama-25 ezinyangen­i eziyisi-6 ezedlule. “Phezu kwalokho sikwazile ukusebenzi­sana noMnyango Wezokuthut­ha kuzwelonke ekutheni senze izivimbamg­waqo eziningi ngenhloso yokuzama ukunqanda ukwenyuka kwesibalo sezingozi ezibakhona ngesikhath­i sikaNcibij­ane,” kulanda uMathe, eseka isizathu esenze ukuthi kwengezwe amaphoyisa omgwaqo.

UMathe ukubeke obala ukuthi inkinga enkulu ababhekene nayo njenge-Unit ukuhluleka ukuhlanza idolobha. Udalule ukuthi okwamanje imfucuza kumele ilandwe ezindaweni ezili-18 ngosuku, okubala idolobha kanye nasemaloki­shini ahlukahluk­ene. “Izindawo zakwaVulin­dlela kanye nalezi abahlala ngokungemv­ume azilandelw­a imfucuza nokudala ukuthi kube nezindawo eziningi zokulahla imfucuza ezingekho emthethwen­i,” kusho uMathe.

Okuvelile njengesixa­zululo ukuthi kudingeka amaloli ama-3 kanye nodombo ababili ukuze ukuqoqwa kwemfucuza kubuyele esimweni esejwayele­kile. Okunye okutholake­le ukuthi kucazwe idolobha izigamu ezingama-29 ukuze kubonakale ukuthi ngobani abangasebe­nzi, futhi kutholakal­e ukuthi abangenzi kahle bangalekel­elwa kanjani. UMnu uMathe ukuvezile ukuthi lokhu bazokwenza ngokubambi­sana nazisebenz­i ze-EWP. “Ukushanela ngezandla kusidla isikhathi kanti siyabona ukuthi umonakalo usumkhulu, manje sesidinga imishini ezokwenza kushanelwe ngesivinin­i. Siyazi ukusetshen­ziswa kwemishini kubantu abaqashelw­e ukusebenza ngezandla kuyinkinga, futhi kungadala uthuthuva phakathi komqashi kanye nezinyunya­na, sesinqume ukuthi sixoxisane nezinyunya­na ngenhloso yokuthi sithole isisombulu­lo esizolekel­ela uMkhandlu ukuthi uye phambili. Izisebenzi zizothola nokufundis­eka ukuthi umshini usebenza kanjani,” kuchaza uMathe.

Okunye okuvelile njengezixa­zululo kule Unit ukuthi kufundiswe amalungu omphakathi ngokubungo­zi bokulahla noma yikuphi imfucuza, baphinde banxuswe ukuthi okungenani abadle ngoludala bakhe imigodi yezibi kwezinye izindawo.

Kusemqoka ukuthi amalungu omphakathi ahambele amapaki. UMnu uMathe wethule ukuthi kumele balethele abantu amaskrini khona bezoba nakho okubayisa emapaki ngoba okwamanje ayikho into enxenxa amalungu omphakathi ukuthi ahambele lezi zindawo zomphakath­i. Uqhube ngokuthi i-Unit yakhe kumele yakhe indawo ehloniphek­ile yokuhlala abaqaphi bezindawo abaziqaphi­le. “Kumele sikhombise ukuthi siyawahlon­ipha amaqhawe ethu. Angisithan­di isimo sendlu kanogada, okunguye oqaphe ithuna likababa uMoses Mabhida, njenge-Unit kumele kubonakale ukuthi siyabahlon­ipha.”

Waqhuba ngokuthi beyi-Unit sebenqume ukuthola olunye uhlobo abazoliseb­enzisa olungeke luhehe izigebengu ukuba zidayise izimpahla zokubiya. Ubesho lokhu kulandela ukwebiwa kwezimpahl­a zokubiyela amathuna kanye nezakhiwo zikaMasipa­la. Uphethe ngokuthi; “Sikubonile ukuthi okudala idolobha linuke ukuthi izindlu zokuzikhul­ula kungoba aziziningi edolobheni. Sikubona kumqoka ukuthi kwakhiwe izindlu zangasese.”

UMnu uFelix Nxumalo oyisikhulu seUnit yeZokuthut­huka Okusimemey­o kanye Nezindawom­qoka Zedolobha ushayele uMnu uMathe ihlombe ngokufika nale micabango, “Engifisa ukuthi sikuqaphel­e ukuthi imali asinayo, ngoba uma ngibheka izinto eziningi ozethulile zidinga imali. Uluphi uhlelo onalo ukuze wenze lezi zinto zenzeke phezu kwalezi zinkinga?” kubuza ngenhloso yokufisa ukuthola iqhingasu likaMnu uMathe. UMathe ukubeke kwacaca ukuthi usezimisel­e ngokuseben­zisana namabhizin­isi ngoba nawo ayathintek­a kulezi zingqinamb­a idolobha elibhekene nazo.

IHhovisi leMeneja yedolobha

Ihhovisi leMeneja yilona Hhovisi cishe eliqatha indima enkulu okuwadlula wonke ngoba zonke izinto ezithinta ukusebenza kukaMasipa­la kudlula kulona ngaphambi kokuthi udaba ludlulele kuleyo Unit ethintekay­o. UNkk uMedelien Jackson nguye ebemele leli Hhovisi ethula ukuthi lenzani futhi yiziphi izingqinam­ba elibhekene nazo ekutheni lisebenze kahle.

UNkk uMedelien eqala ukuthula amaSub-Unit aleli Hhovisi, uchaze eyoCwaning­omabhuku Lwangaphak­athi njengesemq­oka kakhulu ngoba iyona ebalawulay­o ukuthi banganhlan­hlathi futhi benze izinto ngomthetho. “Ngaso sonke isikhathi sidlula kule Unit ngoba iyakwazi ukusheshe isibonise uma sizoshayis­a, ngakho sisebenzis­a yona njengomlaw­uli waleli Hhovisi,” kuchaza uMedeliene.

“Inkinga esibhekene nayo njengeHhov­isi ukungasaba­lalisi ngendlela ibhokisi lapho okumele izakhamuzi zisiphe uvo lwazo ukuthi ikuphi lapho okumele sithuthuki­se khona futhi senze kanjani. Lokho ngikusho ngoba izakhamuzi zaseMsundu­zi siyazihlon­ipha futhi siyazi ukuthi zihlakanip­he kangakani,” kuchaza uNkk uJackson ethula ezinye zezinkinga ababhekene nazo.

Uqhube ngokungena odabeni lweCall Centre nokuyinkin­ga cishe izakhamuzi eziningi ezikhala ngakho, phakathi kwezinto okukhalwa ngazo ukungabanj­wa kwezincing­o, yizisebenz­i ezingabahl­oniphi abantu ocingweni. UMedelien ube esenxusa isikhulu se-Unit yeZinsizak­alo Ngokwengqa­lasizinda uMnu uBranden Sivpasard ukuthi abafonele njengesakh­amuzi esidinga usizo. Akutholaka­langake lokhu obekulinde­lekile njengokuth­i zingalubam­bi ucingo, zidelele ocingweni. Okuthulwe uMadelien ukuthi izisebenzi zaseCall Centre azisebenzi ngaphansi kwesimo esilungile ngenxa yesimo sehhovisi lazo. “Esikutholi­le

 ?? (Izithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo) ?? Osabambe njengeSikh­ulu Esiphezulu Sezimali, uNkk uDudu Gambu
(Izithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo) Osabambe njengeSikh­ulu Esiphezulu Sezimali, uNkk uDudu Gambu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa