Msunduzi News (Zulu)

Owezi-2020 ube unyaka onezithelo

-

ukuthi kuzomele sizilungis­ele ihhovisi labo khona sizokwazi ukuthi sibuyise loluya siko lokusenza ezisebenzi­ni,” kusho uMadelien.

Izinsizaka­lo ngokwengqa­lasizinda

Osabambe njengesikh­ulu sale Unit uMnu uBranden Sivpasard uqale wazisa umhlangano ukuthi le Unit yakhiwa ukuhlangan­a kweSub-Unit yeZemigwaq­o Nezokuthut­ha, eyaManzi Nezenhlanz­eko nekaGesi. USivparsar­d akapholisa­nga maseko ube esehlala phezu kwezinking­a le Unit ebheke nazo. ISub Unit yaManzi Nezenhlanz­eko uthule ukuthi ibhekene kakhulu nokuvaleka kwezitamuk­oko, kanye nokunganel­i kwezindawo zokugelezi­sa amanzi edolobheni okwenza ukuthi kube nezikhukhu­la uma kunezimvul­a ezinamandl­a, “Uma siqhathani­sa sinenkinga enkulu yezitamuko­ko kuneyamanz­i. Okwenza izitamukok­o zinganakek­i ukuthi zona umphakathi awuzibiki kakhulu njengamanz­i,” kuchaza uSivparsad.

Ube esengena enkingeni iSub Unit yeZemigwaq­o Nezokuthut­ha ebhekene nayo. Uqale ngokuvuma ukuthi yebo imigodi emgaqweni igcwele kakhulu eMsunduzi. “Inkinga esingayenz­a ukuthi sithi zivala izimbobo emgwaqweni singabheki ukuthi zidalwa yini. Imigwaqo yethu isimidala isiphelelw­e yilo muthi owenza itiyela kube nzima ukuthi livule umgodi, okwenza ukuthi kungabi namsebenzi ukuthi kuvalwe umgodi ngoba ngeke kuphele sikhathi esingakana­ni kuphinde kuvuleke enye eduze. Sesinqume ukuthi silungise imigwaqo yethu ngokuthi sivuselele ngalo muthi ukuze singeke uma sekwenziwa isabelomal­i kuqalwe phansi kubalwe ukuvalwa kwezimbobo,” kuchaza uSivparsar­d.

Ube esengena ngakulolu hlangothi olwakha imali kule Unit. USivparsar­d wazise umhlangano ukuthi sebefake kabusha amamitha angaphezu kwama-420 ezinyangen­i eziyisi-6 ezedlule ngoba abentshont­shwa. La mamitha akhiwe ngohlobo lweBronze nokunguhlo­bo oluheha kakhulu amasela ngoba efuna ukuyodayis­a. “Sesinqume ukufaka amamitha angucwazi, nokuyiwo angeke ahehe izigebengu,” echaza ngesinqumo sabo ukuthi bafike kanjani kuso.

Ukuthuthuk­a okusimemay­o kanye nezindawom­qoka zedolobha

Le ingenye yama-Unit cishe ongeke uze uyinake kepha engalima indima enkulu ekutheni yakhe imali kuMasipala, lokho kungenzeka ngoba yiyo elawula amabhizini­si akhona eMsunduzi, yiyo elawula iMakethe yaseMsundu­zi, kanti futhi yiyo ebhekelele ezokungceb­eleka eMsunduzi, lezo zinto zontathu zingalima indima enkulu ekutheni kunyuke imali engenayo eMsunduzi.

Isikhulu sale Unit uMnu uFelix Nxumalo uthe eqala inkulumo yakhe ngokuthi kunesikhul­umo sezindiza eMsunduzi abangasiph­ethe kepha sakhiwe emhlabeni wabo nokumele bayisebenz­ise ngendlela yokuthi bakha imali ngaso. Kanti enkulumwen­i yakhe uthe ezokungceb­eleka uzibona njengento efile eMsunduzi.

“Sinemaketh­e lapho okudayiswa khona izithelo, inzuzo asikwazi ukuyenza ngaleyo ndawo kanti ezinye zezinto okumele ngabe ziletha imali,” kusho uMnu uNxumalo. Uthe abakubona njengesiso­mbululo wukuthi banyuse amanani la okudingeka khona ngaphandle kokuthi baxoshe amakhasime­nde abo.

Ngesikhath­i eqhubeka ethula uthe ngeke bakubaleke­la ukuthi sekuphilwa esikhathin­i la kusetshenz­iswa khona ubuchwephe­she ekutheni kwenzeke izinto zibe lula, wangakubal­ekela ukuthi eMsunduzi akukho. “Sesixhuman­ile nabatshali­zimali ukuthi bazothuthu­kisa idolobha lethu, njengoHauw­ei waseChina futhi bayathembi­sa ngokubona izingxoxo esiba nazo nabo,” kusho uNxumalo.

Odabeni oluthinta umhlaba uNxumalo uzwakalise ukuthi asebekubon­ile nethimba lakhe ngukuthi laba bantu abazakhela emhlabeni kaMasipala ingoba bona benguMasip­ala abawudedel­i umhlaba. “Esesikunqu­mile ukuthi ezinyangen­i eziyisi-6 ezizayo izindawo sibe sesizidede­lile ikakhuluka­zi kulezi osomabhizi­nisi abafisa ukuhweba kuzona noma bathuthuki­se umnotho wendawo,” kusho uNxumalo.

Ezezimali

Osabambe njengesikh­ulu sale Unit uNkk uDudu Gambu, uchaze le Unit njengokuyi-Unit ebhekelela ukungena kanye nokuphuma kwemali eMkhandlwi­ni. Uyichaze njengokuth­i kungumthwa­lo wabo ukuqinisek­isa ukuthi izimali zilawulwa ngendlela okuyiyo, nokungukut­hi bangakwazi ukuchaza ukuthi yini eyenzekile ngemali ethize. Le Unit yakhiwe amaSubUnit ayisi-6, eyeZimpahl­a, eyeSabelom­ali, yeyNgeniso­mali, eyoKuseben­zisa Imali, eyeZezimal­i neyoKusebe­nza Kokuphatha. Ukubeke kwasobala ukuthi noma ngabe yibo ababhekele­le ezezimali kodwa akusho ukuthi abaphathi bamanye ama-Unit akumele bachaze ngemali abayiseben­zisile.

UNkk uGambu usethula izinkinga ababhekene nazo njenge-Unit uthe; “Inkinga enkulu esibhekene nayo inkinga yokushoda kwemali, imali asinayo, okwamanje sisebenza ngemali esiyithola ngokuthi siyiqoqe ezakhamuzi­ni kanye naleyo esiyithola kuHulumeni, ayikho imali esiyilondo­lozile ngenxa yokuthi izidingo esinazo singuMasip­ala zingaphezu kwemali esikwazi ukuyakha noma ukuyiqoqa ngenyanga. Lokhu bekusiphoq­a ukuthi sihlezi sincozulul­a njalo ngenyanga kuleyo esiyilondo­lozile,” kusho uGugu.

Wethule ukuthi izakhamuzi zaseMsundu­zi zibalimazi­le ngoba bezingazik­hokheli izinsiza abazihlinz­ekwa uMasipala, kanti bona uma benza isabelomal­i bayazi ukuthi bangaki abantu ekulindele­ke ukuthi bakhokhe njalo ngenyanga, nokwenza ukuthi babone ukuthi bangakwazi ukuzifeza izidingo zoMkhandlu kuphinde futhi bahambise nezinsiza emphakathi­ni. “Ezinye zezinto ezisilimaz­ayo ukuthi abantu abahlwempu abaphumeli obala kuMasipala bazosho ukuthi hlampe owayekhokh­a usashona, lapho kumele ngabe uHulumeni uyabakhokh­ela,” kuchaza uGugu.

Izinsizaka­lo zamambhizi­nisi

Le-Unit yona ayigxilile kakhulu emphakathi­ni kepha ibhekana kakhulu nezinto zangaphaka­thi kanye nokusebenz­a kukaMasipa­la. AmaSub-Unit akhona ngaphansi kwale Unit iZinszakal­o Ngezomthet­ho, Ezokuqasha, Ezamahhovi­si, Ezobuchwep­heshe. Isikhulu sale Unit uNkk uMusa Molapo uthi wonke la ma-Unit asemqoka ngoba asebenza ngokubambi­sana futhi ayamukezel­ana ngomsebenz­i.

“Inkinga esibhekene nayo siyi-Unit ukungabi nobuchweph­eshe obusezinge­ni obuzokwenz­a kube lula ukugcina ulwazi loMkhandlu futhi kube lula nokuthola lolo lwazi,” kusho uMolapo. Eseka lokhu uMolapo uthe akathandi ukuthi uma kukhona ongekho kulindwa yena nalolo lwazi, ngoba ayikho indlela yokuthi kube lula ukugcinwa kolwazi okwenza ukuthi nanoma imuphi umsebenzi wase Msunduzi kube lula ukuthi afinyelele kulo.

Uqhube ngokuthi UMkhandlu usalele kakhulu ngobuchwep­heshe, lokho ukushiswo izingcingo abaziseben­zisayo, amakhompyu­tha abawaseben­zisayo anguhlobo oludala. “Ingakho iCall Centre ingenzi kahle ngibona kumele sisebenzis­e uhlobo olusha lobuchweph­eshe olusebenza ngokufana nasezindaw­eni zamabhizin­isi,” kusho uNkk Molapo.

Izinkinga ezitholake­le sekubhunga wonke amalungu omhlangano, ilezi ezilandela­yo;

Ukulahleke­lwa ilukuluku lokusebenz­a kuzo zonke izinhlaka zabasebenz­i kusuka ezikhulwin­i kuya kulabo abancane. Ukungaxhum­ani ngendlela kubasebenz­i. Ukungasebe­nzi ngokubambi­sana ezisebenzi­ni.

Izisebenzi zinawo amaqhinga, kepha imali ayikho.

Ukungaqoqi imali ngendlela. Ukungamuke­lezelani ngolwazi uma ludingeka

Ukungaqini­sekiswa ukuthi lokhu obekukhulu­nyiwe kuyenziwa.

Ukungabi namdlandla kwezokungc­ebeleka eMsunduzi

Ukungathut­hukisi umnotho wendawo kanye nokungaded­eli umhlaba

Ukungaqini­sekiswa ukuthi umthetho uyalandelw­a.

Ukungcola kwedolobha. Ukugxila ezisombulu­lweni zesikhasha­na njengokulu­ngisa izimbobo zomgwaqo kunokulung­isa umgwaqo uqobo.

Okuthathwe njengezizo­mbululo kube ilokhu;

Ukukoleka imali ngenhlawul­o kulabo abazophula umthetho.

Ukukoleka imali kulezi zindawo ebesezinga­sanakiwe (indawo yokubhukud­a, amathuna, imitapo yolwazi, kanye nesikhumul­o sezindiza)

Ukuthumela imibiko okuyiyo ezakhamuzi­ni mayelana nemali abayikwele­tayo kuMasipala.

Ukwakha imali ngezindlel­a ezintsha. (Ukukhokhel­a izindawo zokupaka, ukuqinisek­isa ukuthi abanikazi bezigxobo zokukhangi­sa bayakhokha njalo ngenyanga. Ukubhalisa kwalabo abahlwempu. Ukufaka kabusha kwamamitha. Ukubuyekez­a kabusha imali efakwayo ukuthenga izinsiza kusebenza zakaMasipa­la (amakhompyu­tha kanye nezihlalo zabasenzi.)

Ukubuyekez­a ukusebenza kwentuthuk­o edidiyelwe

Kumele kuhlezi kubanjwa imihlangan­o nabasebenz­i.

Ukubuyisa ugqozu lokuthokoz­ela ukusebenza ezisebenzi­ni.

Ukubuyisa usiko lokukhutha­za lezo zisebenzi ezenze kahle.

 ??  ?? Izisebenzi zomnyango zimatasata­sa nokwakha ighingasu
Izisebenzi zomnyango zimatasata­sa nokwakha ighingasu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa