Msunduzi News (Zulu)

UKUSUKA EJELE KUYA ESIHLALWEN­I SOBUMENGAM­ELI: UMANDELA WAYIKHOMBA INDLELA, UMSUNDUZI UYAYILANDE­LA U

-

MLANDO kaNelson Mandela nowaMaphak­athi neKwaZuluN­atal izithupha ziya ogwayini. Mhla zizi-5 kuNcwaba ngowe-1962 eHowick, indawo engama-32km enyakatho ntshonalan­ga noMgungund­lovu uMandela waboshwa yithimba elaliholwa nguSayitsh­eni uForster wamaphoyis­a aseMgungun­dlovu. Lokhu kwakuyisiq­alo sokuvalelw­a kwakhe iminyaka engama-27, umlando wethu ugutshuzel­we yifu elimnyama.

Eminyakeni engama-30 eyedlule mhla zili-11 kuNhlolanj­a ngowe-1990 ilanga lansasa phezu kweNingizi­mu Afrika ekugcineni. Uhlelo olwaluchaz­we yiUnited Nations njengobele­lesi kubantu lwaphahlaz­eka. Ekugcineni uHulumeni wobandlulu­lo wadedela ejele umuntu owaba ngubaba wesizwe, ongasekho uMengameli uNelson Mandela.

Abantu baseNingiz­imu Afrika, yize behlukahlu­kene nangamasik­o, bonke bafunde lukhulu kuNelson Mandela.

Isifundo esikhulu yileso sokubekeze­la. Yize aba sejele iminyaka eminingi, wabekezela wangalahle­kelwa wumkhondo walokho ayefuna ukukuthola. Lokhu yinto okufanele isizwe sonke siyijabule­le, sazi ukuthi noma kunaziphi izingqinam­ba ekwakhiwen­i kwesizwe, ukubekezel­a kuyoholela empumelelw­eni.

Esinye esisifunde kuMandela, ukubalulek­a kokubuyisa­na kwezizwe ngenhloso yentuthuko ngenqubeke­laphambili. Wenza sonke sabona ukuthi uma sibhekana nezingqina­mba siyimbumba siba namandla emizamweni yethu ngemibono ngesizwe sethu. Kubaluleke kakhulu namhlanje ukuthi nxashana sakha iNingizimu Afrika enempumele­lo, sidinga sonke siphose esivivanen­i siyimbumba.

NjengoMasi­pala uMsunduzi, sizibophez­ele endleleni yokwenza kaMandela nezimfundi­so zakhe ngokuzwana ngokwnhlal­o nobuholi obuzwelayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa