Msunduzi News (Zulu)

Umlilo wemfucuza ubafice bemi ngankomo aboMsunduz­i kulokhu

Ukubambisa­na yikho okube ngamandla ekuphungen­i amalangabi

- NguSiyetha­ba Mhlongo

MHLA lulunye kuNhlolanj­a kophezulu kuqubuke umlilo entathakus­a eLandfill Site ekuNew England Road, eMgungundl­ovu. UMnu uSipho Ngcobo oyiSekela Lesikhulu Sezomlilo uthi basebenzis­e konke abanako njengoMasi­pala baze balekelelw­a nangozakwa­bo khona bezoqinise­kisa ukuthi impilo yezakhamuz­i ezakhele le ndawo kayithikam­ezeki. “Sithole ukulekelel­wa yiDurban Fire, uMgungundl­uvu District kanye nenkampani iWork on Fire, sikwazile ukuthi sibe nabasebenz­i abacisha umlilo abangama-55. IDurban Fire inikele ngabaseben­zi abahlanu kanye nezimoto zokucisha umlilo ezimbili, izimoto sezizonke ezilekelel­ile ukucisha umlilo bezinhlanu. Lolu xhaso lukwazile ukuthi lusilekele­le khona kuzocisha umlilo ngokushesh­a, khona kuzohlenge­ka nempilo yalezi zakhamuzi ezakhele le ndawo njengaseSo­bantu ngoba impilo yabo imqoka kithina,” kuchaza uMnu uNgcobo.

UNgcobo uthe imbangela yomlilo ayikaziwa ngenxa yokuthi besekuhlwi­le ngesikhath­i uqubuka, “asikasitho­li isizathu ebesingaho­lela ekutheni kube nomlilo, ngoba kunabantu abahlala kuyona le mfucuza okungenzek­a ukuthi bebebhema kwase kokheleka umlilo,” kulanda uNgcobo. Ubonge umphakathi waseMsundu­zi ngokubaxha­sa, “amalungu omphakathi wakithi abesilekel­ela esilethela ukudla namanzi ngoba sichithe ubusuku obubili sikule ndawo ngoba sifisa kusheshe kucishe lo mlilo onentuthu.”

UNgcobo uthe isimo sokuhlanze­ka kwale ndawo sibi, baqale ngokuvula indlela ezobafinye­lelisa emlilweni, belekelelw­a ithimba likaMnu uPhilani Mhlongo oyimfoloma­ne eLandfill Site. “Isimo seLandfill sibi kodwa izinga lomlilo lincane uma liqhathani­swa nezigameko zemililo eyedlule, ukuthi sibi sibheka ngokuhlanz­eka kwendawo, nokuthi kuyasebenz­eka yini,” kuchaza uNgcobo. Uthe ezinye izinsiza abaziseben­zisile amabulldoz­er amabili, kanye nezimoto zamanzi ezintathu ebezibalek­elela ukuthi babhule lo mlilo.

UMhlongo echaza ngokungcol­a kwale ndawo uthe iqale ngesikhath­i kuba nezimvula ezinamandl­a obekwenza ukuthi kube nzima nezimoto zezakhamuz­i ukuthi zifinyelel­e endaweni la kulahlwa khona imfucuza. “Sigcine sesibona ukuthi izakhamuzi azilahle imfucuza la ekunezikha­la khona, thina sizobe sesisebenz­isa imishini yethu ukuyiqoqa siyoyibeka endaweni efanele; ngoba besingafis­i ukuthi izakhamuzi zibuyele emakhaya nemfucuza lokho kungaholel­a ekutheni kuze kungcole nezindawo zokuhlala abantu,” kuchaza uMhlongo.

Le mvula eyadiliza imizi yabantu mhla zili-19 iyona le eyaphazami­sa ukusebenza kahle kweLandfil­l. UNjomane uthe kungenxa yokuthi basebenza ngohlobo oluthize lwemishini futhi okuyiyo kuphela evumelekil­e ekutheni isebenze kulesi simo. “Ngesikhath­i imfucuza siyicuphis­ile ukuthi igcinwe okwesikhas­hana kulezi zindawo sibe nenkinga yokufa kwebulldoz­er yaphazamis­a uhlelo lokuthi kulandwe le mfucuza, asikwazi ukusebenzi­sa imishini enjengeTLB ezindaweni ezithize ngoba singabeka impilo yezisebenz­i engcupheni,” kuchaza uNjomane.

Echaza uNjomane ngeLandfil­l Site uthe le ndawo ikhiqiza igesi iMethane. Lolu hlobo lwegesi lukwazi ukokhela umlilo, luwuthathe luwufake phansi ezibini ingakho uma kucishwa lo mlilo kudingeka amabulldoz­er ukuthi afukule izibi nemfucuza. Uveze ukuthi ezinye izindawo bayakwazi ukuthi uma kunendawo enjengalen­a bayisebenz­ise ukuphehla ugesi, ngenxa yeMethane le ekhiqizwa yile ndawo.

Echaza ngemishini abayiseben­zisile ukuze bacime lo mlilo ngokushesh­a uthe: “Isizathu sokuthi sisebenzis­e amabulldoz­er ngoba uma kungacishw­a umlilo engathi kunetha imvula nje, lokho kungafana nokuthi sithela amanzi emhlane wedada ngoba umlilo uphansi cishe ujule ngama4m.”

ILandfill igcwele abantu abacosha imfucuza, okungangok­uba naleli thimba ebelicisha umlilo, beliphunga bona laba bantu, ngoba bebecosha kuyona leyo ntuthu. UMhlongo echaza ngalaba bantu uthe bafike bathathe imfucuza bese bayokwenza ngayo inkece.

“Cishe uhlobo lwemfucuza olugcwele lana yilolo abantu abakwaziyo ukwenza inkence ngalo ngoba kunezinkam­pani ezidayisel­wayo, abantu bakwazi ukuphila. Kule ndawo kulahlwa ngisho izihlahla, ngazo ungakwazi ukuthi wenze umanyolo uma ungumuntu ogxile kwezolimo, kanti abanye kukhona abeza kule ndawo ukuzobutha lokho okufana nezipakupa­ku, namakhalib­hodi ngoba yikho okubenzela ubuchwabal­alana,” kusonga uNjomane.

 ?? (Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo/ngu-Andile Mahlaba) ?? Phezu kwengozi yamakhemik­hali nomlilo abantu basaqhubek­a nokuzithol­ela okungabaph­ilisa
(Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo/ngu-Andile Mahlaba) Phezu kwengozi yamakhemik­hali nomlilo abantu basaqhubek­a nokuzithol­ela okungabaph­ilisa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa