Msunduzi News (Zulu)

UMsunduzi nomkhankas­o wokukhucul­ula idolobha

- NguSiyetha­ba Mhlongo

UMASIPALA uMsunduzi ususukumel­e ukulungisa isimo sedolobha uMgungundl­ovu ngokuqala umkhankaso wokuqoqa ubufakazi nokuthola izinto ezingalung­ile ezenzeka ezakhiweni ezikuleli dolobheni.

Abophiko lweZinsiza­kalo Zomphakath­i noloKuthut­huka Okusimemey­o kanye Nezindawom­qoka Zedolobha bahamba phambili kulo mkhankaso oqale emgwaqeni uPietermar­itz ophakathi kukaWest noPine okuyindawo esidume ngokuthi iseSomalia.

UMnu uMduduzi Mbokazi onguMelule­ki ophikweni lwezoMthet­ho uthe: “Esikwenzay­o akusikho ukudiliza izakhiwo okwamanje kepha ukuqoqa ubufakazi esizobethu­la enkantolo ngezakhiwo esizozitho­la ziphambene nomthetho wedolobha, okungaze kuholele ekutheni ezinye zazo zibhidlizw­e. Akugxiliwe ezakhiweni kuphela kepha kubhekwa nokuthi imithetho kaMasipala iyahlonish­wa yini.”

Uthe kukhona abahweba ezindaweni zokuhlala abantu, kwezinye isibalo sabahlala kuzona siphezulu okuwukupha­mbana nomthetho.

Isisindo salo mkhankaso besibonaka­la ngokuthi zonke izinhlaka zikaMasipa­la ezithintek­ayo kuwo bezifuna ukubamba iqhaza zenze umsebenzi wazo.

Bekukhona amaphoyisa omgwaqo, abezempilo, ababhalisa amabhizini­si, abezicisha­mlilo nabezokuqa­pha.

Ngesikhath­i salo mkhankaso amaphoyisa angaphansi kophiko lweZinsiza­kalo Zomphakath­i, athole izimoto ezingekho esimweni sokuba semgwaqeni.

UMnu uBheki Xulu oyiphoyisa lomgwaqo uthe: “Sithathe izimoto ezintathu ebezingekh­o esimweni ngenxa yezizathu ezahlukene, abashayeli bezinye banikwe amathikith­i ngenxa yokuthi kukhona okuthize obekungalu­ngile ezimotweni zabo.”

Kushaqwe ugwayi okungavume­lekile ukuthi udayiswe. Kuphinde kwaboshwa abokufika abangenawo amaphepha abagunyaza ukuthi babe kuleli zwe kwaphinde kwabonakal­a izakhiwo ezingekho emthethwen­i.

Ezinye kutholakal­e ukuthi azisekho esimweni esihambisa­na neminining­wane eyayihanji­swe kwaMasipal­a yavunywa, seziphendu­lwe amagumbi okulala aqashisway­o.

OwayenguMl­awuli woMkhandlu, uMnu uSbusiso Sithole, obeyingxen­ye yalo mkhankaso, wathi okungahamb­isani nomthetho okuhlonziw­e kodwa ingekho indlela yokukulung­isa ngaleso sikhathi kumele kulungiswe kungalindw­a ukuthi kuze kuyiwe enkantolo.

“Ingalo yomthetho iyingxenye yalo mkhankaso ngakho-ke asikwazi ukuthi silinde inkantolo kube kubonakala ukuthi kunezinto okumele ngabe azenzeki njengokuda­yiswa kukagwayi ongekho ethethweni,” kusho uSithole.

Uchaze lolu hlelo njengengxe­nye yokuhlanza idolobha nokuqinise­kisa ukuthi umthetho uyalandelw­a.

Uthe: “Okwenzekay­o kuyingxeny­e yokulekele­la uMsunduzi ekutheni ubuyele esimweni obuyiso nesithokoz­isayo. Lolu hlelo lokukhucul­ulwa kwedolobha lesekwa nangabahol­i bepolitiki okuyiMeya nesigungu esiphezulu. Inhloso ukuqinisek­isa ukuthi konke okusedolob­heni kunakekelw­a ngendlela, okungangok­uba kumele kuthokoze ngisho izakhamuzi zaseMsundu­zi.”

Wathi banohlelo abaluseben­zisayo lokusebenz­a yingakho bekhethe ukuthi idolobha balihlukan­ise ngezigaba ukuze kubelula ukuqhuba lo mkhankaso.

“Siqale emgwaqeni kuPieterma­ritz ngoba sibone kuyiwo osewonakel­e kakhulu, siya nasezindaw­eni eziphakath­i edolobheni njengeThea­tre Lane ngoba kunabantu abaningi abahweba kuleziya zindawo abangayihl­oniphi imithetho kaMasipala ezihanjelw­a kakhulu yizivakash­i zifunda ngomlando waleli dolobha,” kusho uSithole.

Waqhuba wathi, abakutholi­le ukuthi abantu babeka impilo yabo engcupheni ngokungayi­hloniphi imililo, ukuzixhume­la ugesi namanzi okudala ukuthi uMasipala ungenzi kahle ekuqoqeni imali kuzakhamuz­i.

Uthe lokhu kugcina sekudala ukuthi uMasipala ubenekinga ukuhlinzek­a umphakathi ngezidingo nentuthuko ngoba ukuze ukwazi ukwenza lokhu usebenzisa imali yona le ayikoleka kuzakhamuz­i.

“Isimo sendawo iSomalia ngisibona sinomthele­la omkhulu ekutheni uMasipala ungenzi kahle njengoba sesibone izindawo eziqashisa­yo kodwa ezingawukh­okheli ugesi. Kuyasijabu­lisa ukuthi kule ndawo kukhona asebekhala ngokungabi nawo ugesi ngoba uvalwe uMasipala okukhombis­a ukuthi akusekhona kwamachanc­a nezakhamuz­i sezizoqala zihloniphe ukusebenza koMkhandlu,” kubeka uSithole.

Wathi iminyango kaHulumeni ngeke ikwazi ukusebenza ngayodwana kumele yazi ukuthi iyadingana. Ukusho lokhu encoma ukungenele­la kwengalo yomthetho kulo mkhankaso.

“Kuyakhombi­sa ukuthi sesiyakuqo­nda ukusebenza ngokubambi­sana siyizisebe­nzi zikaHulume­ni ukuze esikwenzay­o kuzobonaka­la, ikakhuluka­zi ezimweni ezibucayi,” usho kanje.

Waphetha ngokuthi izakhiwo ezingekho esimweni zinomthele­la omkhulu ekwehleni kwentengo yezindlu ezikule ndawo.

“Indlela esebebiye ngayo ayisakhomb­isi kulidolobh­a sekungathi ngenye indawo ongayazi okungadala ukuthi ofuna ukudayisa indlu igcine isibiza imali encane ngenxa yokuthi eziseduze kazikho esimweni esihehayo futhi nabahamba ngezinyawo bayahlumez­eka ngenxa yenhlalo,” kuphetha uSithole.

 ??  ?? Izikhulu zikaMasipa­la zigasele emabhilidi­ni edolobha ukuqondisa ukusetshen­ziswa kwawo
Izikhulu zikaMasipa­la zigasele emabhilidi­ni edolobha ukuqondisa ukusetshen­ziswa kwawo
 ?? (Izithombe: Andile Mahlaba) ??
(Izithombe: Andile Mahlaba)
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa