Msunduzi News (Zulu)

Ziqoqwa nakuHulume­ni izikweletu eMsunduzi

- NguLuvuyo Thahla

KUNYAKAZE uMsunduzi wonke ngesikhath­i uMasipala uvalela isikole samabanga aphakeme, iGeorgetow­n, amanzi isikhathi esingangen­yanga ngenxa yesikwelet­u samanzi.

Lesi sikole sikweleta uMasipala izigidi ezi-R2 ngamanzi kanti uHulumeni uwukweleta imali elinganise­lwa ezigidini ezili-R196.

Ngokusho kweMeya uMzimkhulu Thebolla, lesi sikole savalelwa amanzi ngoZibandl­ela nyakenye ukuze abaphathi baso bezokwenza okuthile izikole zingakavul­wa ngoMasinga­na nonyaka.

“Imfundo eMsunduzi siyayihlon­ipha kakhulu futhi ingezinye zezinto esaziyo ukuthi ziwumgogod­la wentuthuko yedolobha lethu. Nathi njengoMasi­pala kumele sihlinzeke ngezidingo ezingeke ziphazanyi­swe yinoma ngubani. Bekumele sivale amanzi eGeorgetow­n ngoZibandl­ela futhi besingaqal­i njengoba sakwenza nangonyaka wezi-2018.”

IMeya iveze ukuthi lesi sikole sagcina ngoMbasa wezi-2018 ukukhokhel­a amanzi nakhona sasilekele­lwa wuMnyango Wezimali esifundazw­eni.

“IGeorgetow­n ingesinye sezikole esingena ngaphansi kukaSectio­n 21, okuyizikol­e okumele zizikhokhe­le. Kunezinye ezili-10 ezikweleta uMasipala kanti abaphathi bazo sebefikile bazoxoxisa­na nathi ukuthi bazosikhok­ha kanjani isikweletu sabo,” kusho iMeya.

Lesi sikole sivulelwe amanzi mhla zingama-23 kuMasingan­a.

IMeya ithe: “Lesi sikole sivulelwe amanzi ngenxa yokuthi uMnyango Wezemfundo ukhokhele uMasipala, asilwenzan­ga ufefe. Uma sihlangani­sa imali esiyikwele­twa uHulumeni siwuMasipa­la ifinyelela ezigidini ezii-R196 lokho kukhombisa ngokusobal­a ukuthi ngeke sikwazi ukuhlinzek­a umphakathi ngezinsiza uma singeke sikhokhelw­e imali ngoba sidinga yona ukuze sihlinzeke umphakathi ngezidingo,” kusho iMeya.

UMnu uSifiso Khoza wophiko lwezimali, emhlanganw­eni wamakhanse­la uveze ukuthi emalini engangezig­idi ezi-R3 ekweletwa uMasipala, amanzi ahamba phambili ngamaphese­nti angama-30 bese kulandela isikweletu samareythi.

Echaza ukuthi yini abayithole njengesiza­thu esenza sibe phezulu kangaka isikweletu samanzi, uthe: “Izakhamuzi zinamapayi­pi avuzayo emzini yazo bese zingabaqas­hi abantu abakwazi ukuwavala ngoba zithi imali azinayo. Sike saya elokishini iMbali lapho esithole khona lokhu. Uma sekugxaza amanzi bavele benze umsele amanzi bawachiliz­ele emgwaqweni.

Okunye wukuthi kunabantu abahlwempu kodwa abangabhal­isile okulimaza uMasipala ngoba uma uhlwempu uHulumeni uzokukhokh­ela.”

Unxuse amakhansel­a ukuthi aklame indima yawo ngoba ayawazi amalungu omphakathi ahlwempu, ngokuthi abheke ukuthi babhalisil­e yini, uma bengabhali­sile babalekele­le ukuthi babhaliswe kulolu hlu.

UMnu uKhoza uthe sengathi basasilele kakhulu kungqalasi­zinda ngoba kumele abantu abahlwempu bathole imitha elibanikez­a amanzi amahhala okuthi uma bewasebenz­ise kwadlula esikalini ababekelwe sona, avaleke ngoba kuzobe kungasiwon­a abenza ngawo ibhizinisi kodwa awokuphila nomndeni.

“Umuzi onamalungu omndeni ayisi-7 ungakwazi ukuqeda inyanga ngamanzi angamalith­a ayizi-6 000 ngoba bayageza, bayadla, bayawasha kanti abanalo ibhizinisi lokuhlanza izimoto ngoba yilo elidla kakhulu amanzi,” kuphawula uKhoza.

Kwabekwa uHulumeni ukuthi umuzi nomuzi uthola amanzi amahhala angamalith­a ayizi-6000 uma umuzi weqa lelo nani ube usuwakhokh­ela owasebenzi­sile.

UKhoza uthe amanzi amahhala maningi kakhulu ngoba ngisho labo abazikhokh­elayo kuyenzeka bangawaqed­i kwalawo amahhala, abakwenzi lokho ngoba becindezel­a labo abahlwempu.

Isikhulu ophikweni lwengqalas­izinda, uMnu uBrendon Sivparsad sithe: “Sesisifaki­le isicelo sokuthi labo abasohlwin­i lwabantu abahlwempu kube impoqo ukuthi basebenzis­e ugesi wesigubhu khona bezozikale­la bona ukuthi bawusebenz­isa kanjani futhi bezobona ukuthi kumele bonge.

Okunye esikufakel­e isicelo wukuthi bafakelwe imitha elisebenza ngokuthi uma seweqe isikalo samanzi amahhala bese eyavaleka,” kusho uSivpasard.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa