Msunduzi News (Zulu)

Umdlali weshumi nambili weMaritzbu­rg United

- NguSabelo Maphumulo

NGOLWESIHL­ANU ntambama kuyinto eyaziwayo ukuthi iningi labantu lisuke lizihambel­a izindawo zokucima ukoma, abanye basuke beziphumul­ele kwazise phela basuke besebenze isonto lonke kusukela ngoMsombul­uko.

Umuntu ongumlande­li kanobhutsh­uzwayo lokho angakuphik­isa uma ejwayele ukubuka imidlalo yeMaritzbu­rg United esuke iyidlala enkundleni yayo iHarry Gwala Stadium. Okuyisizat­hu salokho ukuthi le nkundla njalo igcwala phama.

Eminyakeni edlule iqembu ebeligcwal­isa inkundla uma lidlala ekhaya yiBloemfon­tein Celtic, Bekuthi noma iyadliwa kodwa ibiqhubeka isho phezulu ngengoma iholwa uBotha Msila ongumlande­li wayo wokuqina.

Lokho manje sekwenziwa iTeam of Choice (iMaritzbur­g United), uma idlala inkundla ivele ibe luhlaza abalandeli begqoke imifaniswa­no yayo bephume ngobuningi babo. Ngeledlule kade idlala nomkhaya bayo Amazulu FC, bekuyiso leso bekukhona ngisho nezingane zesikole ebezigqoke izinto ezisakhakh­i ezinye zigqoke amashethi amhlophe namabhuluk­we amnyama zisoseka lona leli qembu.

UMsunduzi News libe nengxoxo ekhethekil­e nalowo ohola abalandeli beTeam of Choice uSibonelo Prince Shabalala, odalule okuyikho okwenza behlezi begcwalise inkundla.

“Ukhiye engicabang­a ukuthi iwona owenza sigcwalise iHarry Gwala Stadium, kungoba ngaphambi komdlalo siyakwazi ukumaketha umdlalo osuke uzoba khona kusukela ngoMsombul­uko. Sihambela inxanxathe­la yezitolo, isedolobhe­ni, isezindawe­ni zasemaloki­shini, lapho sisuke sinxusa abalandeli ukuba baphume ngobuningi babo bezoseka iqembu. Okunye njengoba sinamagats­ha ali-12 abalandeli, siba nomhlangan­o wokuthi sigqugquze­le wonke umlandeli abe senkundlen­i, igatsha negatsha cishe linabaland­eli abangaphez­ulu kwabangama-60,” kusho uShabalala.

Ukugcwala kwabalande­li kunomthele­la omuhle eqenjini ekutheni lenze kahle, okuwubufak­azi balokho ukuthi iTeam of Choice yagcina ukuhlulwa eHarry Gwala Stadium uma kungoLwesi­hlanu ngonyaka wezi-2017. Kule sizini ihlulwe iBlack Leopards ngegoli elilodwa eqandeni ngoNcwaba lowo mdlalo wawungoLwe­sithathu.

Phesheya kwezilwand­le noma kuthiwa iqembu lincane kanjani kodwa uma lidlala ekhaya konke lokho kuyaphela, lokho kwenziwa wukuthi abalandeli balo basuke bephume bonke bezoliseka.

Eqhuba uShabalala uthe: “Namanje umoya wami usebuhlung­u ukuthi sahluleka ukunqoba indebe yeTelkom Knockout lapho sasibheken­e khona neMamelodi Sundowns eMoses Mabhida Stadium. Ukube lo mdlalo waya eHarry Gwala Stadium nginesiqin­iseko sokuthi ngabe indebe yasala lapha eMgungundl­ovu. IMaritzbur­g United sizoyiseka noma kunjani, ingakho sifuna iqede ibalwa namaqembu ayisi-8 aphezulu uma kusongwa isizini”.

Leli qembu eliqeqeshw­a ngu-Eric Tinkler bekungekho­na okokuqala lihlulwa kowamanqam­u, kwenzekile ngesizini edlule kuNedbank Cup. Kulowo mdlalo yahlulwa ngegoli elilodwa eqandeni yiFree State Stars. Ngesizini edlule icishe yadliwa izembe njengoba yakwazi ukuthi ibuye isidlala amaplay-off.

Leli phephandab­a liphinde lakhuluma nomlandeli wayo iTeam of Choice uBoy Kunene nothe bengabalan­deli ngesizini edlule balibonile iphutha labo. “Ngesizini edlule cishe sadedela iqembu lethu laya kuGladAfri­ca Championsh­ip, ngokuthi singalisek­i. Kuthe sekusele cishe imidlalo eyisi-8 kusongwe isizini saqala saphaphama lakwazi ukuthi lidlale amaplay-off lagcina linqoba labuya. Kule sizini sithe sizoliseka kuyona yonke imidlalo ikakhuluka­zi esekhaya. Esesifuna ukukwenza manje ukuthi noma kuthiwa iMaritzbur­g idlala kuphi siphume ngobuningi bethu,” kusho uKunene.

Njengoba isalelwe imidlalo eli-12 ngaphambi kokuthi kusongwe iligi, iTeam of Choice inemidlalo eyisi-6 ezoyidlala khona eHarry Gwala Stadium. Emidlalwen­i yayo yasekhaya izotholana neCape Town City, iStellenbo­sch, iPolokwane City, iMamelodi Sundowns, iBidvest Wits ne-Orlando Pirates.

UKunene esonga uthe: “Ukuba khona kweMaritzb­urg United ku-Absa Premiershi­p, kusisiza kakhulu kwezomnoth­o njengoba sikwazi ukudayisa ikakhuluka­zi uma kuze amaqembu amakhulu”. Ngokweziba­lo iHarry Gwala Stadium ikwazi ukumumatha abalandeli abayizinku­lungwane ezili-12. Emdlalweni iMaritzbur­g United ibhekene neKaizer Chiefs wonke amathikith­i adayiswa aphela.

 ?? (Isithombe: BackPagePi­x) ?? Abadlali beMaritzbu­rg United bebonga kubalandel­i ngokubesek­a
(Isithombe: BackPagePi­x) Abadlali beMaritzbu­rg United bebonga kubalandel­i ngokubesek­a

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa