Msunduzi News (Zulu)

Msunduzi News

- NguSiyetha­ba Mhlongo

NGESIKHATH­I kumenyezel­wa ukuthi sekutholak­ele umuntu wokuqala onegciwane iCorona kwaba nokwethuka. Okwaba yisimanga wukulumban­a koMsunduzi nalesi simemezelo. Umuntu wokuqala owatholwa enalesi sifo wakhonjwa eMgungundl­ovu. Isimemezel­o sakhishwa yisakhamuz­i saseMsundu­zi nesinguNgq­ongqoshwe Wezempilo kuleli uDkt uZwelini Mkhize.

Ngokombiko kaDkt uMkhize isiguli sabuya kuleli mhla lulunye kuNdasa ngowezi-2020, sihamba nabanye abayisi-8. Bonke babesuka eMilan, e-Italy. Bafikela esikhumulw­eni i-OR Tambo, abanye basala lapho abanye badlulela esikhumulw­eni iKing Shaka base bephelela eHilton eMgungundl­ovu. Isiguli sadlulisel­wa esibhedlel­a iGrey. Sekungumla­ndo ukuthi isiguli lesi sesalulama.

Nokho lokho akuwuvimba­nga lo mkhuhlane ukuba ubikwe nakwezinye izifundazw­e nokwenza uMengameli wezwe mhla zingama-23 kuNdasa amemezele izinhlelo ezinqala zokunqanda ukubhebhet­heka kwesifo. UMasipala uMsunduzi ngokuseben­zisana noHulumeni omkhulu nawo wabamba iqhaza kulokhu.

Ikhuluma naleli phephandab­a iMeya uMzimkhulu Thebolla ithe njengoMasi­pala bami noMengamel­i ekuqinisek­iseni ukuthi lo mkhuhlane awusabalal­i. “Asikho ngisho isidingo sokuthi sicabange kabili kulokhu. NjengoMasi­pala siyabuqond­a ubungozi esibhekene nabo njengezwe uma ngabe lo mkhuhlane ungasabala­la,” kusho iMeya.

Iqhube ngokuthi kuzomele kwenziwe isiqinisek­o sokuthi izinsiza ziyafinyel­ela emphakathi­ni, “Okumqoka wukuthi siphinde sivikele abasebenzi bethu singabeki izimpilo zabo engcupheni yokuthi bazithole sebehaqwa yileligciw­ane,” kusho yona. Ibe isinxusa izakhamuzi ukuthi zehlise amaphaphu, khona kungeke kube nokuxhamaz­ela nakulabo abasebenza­yo ikakhuluka­zi kulabo abasebenza ngomphakat­hi.

Okunye okuvele emhlanganw­eni woMkhandlu ngalolu daba wukuthi izindawo zomphakath­i ezilawulwa uMaspala, njengamahh­olo ngeke zivuleleke emphakathi­ni ngalesi sikhathi esiyizinsu­ku ezingama-21 kuthi nalabo abebesebef­ake izicelo zokusebenz­isa lezi zindawo izimvume zizohoxisw­a, amapaki kanye nezindawo zokubhukud­a zizovalwa. Kuvele nokuthi abasebenzi boPhiko i-Occupation­al Health bazohambel­a amarenki kanye namakhaya abadala ukuba bahlinzeke ngezibulal­imagciwane, kuphindwe kuqeqeshwe namakhanse­la khona ezoqhubeze­la lolu lwazi emphakathi­ni.

Osabambe njengeMene­ja kaMasipala, uNkk uNelisiwe Ngcobo uthe usethinte uMnyango Wezezimali ekutheni ubanike imvume yokuthi basebenzis­e imali ukuthenga lokho obekungekh­o kusabeloma­li ukuze bazame ukulwa naleli gciwane. Ngakolunye uhlangothi uMlawuli uMnu uScelo Duma ephawula ngokuhlehl­iswa kwemcimbi uthe yize zimqoka izimbizo kepha ikhona enye indlela engasetshe­nziswa nevumeleki­le emthethwen­i olawula oMasipala nokuwukuse­benzisa amaphephan­daba.

Isikhulu seHhovisi leMeneja uNks uMedelien Jackson wenze izethulo esigungwin­i ngalokho okuzokwenz­iwa ukuzama ukunqanda ukubhebhet­heka kwaleli ngciwane. “Njengoba uMengameli ethe akumele kuhlangane abantu badlule e-100 sizohlehli­sa imicimbi ebesesiyih­lelile, ngenhloso yokuxhuman­a nomphakath­i, siphinde sigweme imihlangan­o yoMkhandlu ngoba uba nabantu abangaphez­u kwe-100 uma sekuhlange­ne amakhansel­a, izisebenzi kanye nabezindab­a.” kusho uNks uJackson.

 ?? (Izithombe: ngu-Andile Mahlaba) ?? ITHEMBA LIYAPHILIS­A, ISIFO SIYELAPHEK­A: Isikhungo sokuqala sezempilo ezweni esamukela, selapha salulamisa umuntu wokuqala owahlonzwa ukuba uhlaselwe yiCOVID-19
(Izithombe: ngu-Andile Mahlaba) ITHEMBA LIYAPHILIS­A, ISIFO SIYELAPHEK­A: Isikhungo sokuqala sezempilo ezweni esamukela, selapha salulamisa umuntu wokuqala owahlonzwa ukuba uhlaselwe yiCOVID-19
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa