Msunduzi News (Zulu)

UMsunduzi awusalanga enkulumeni yesifundaz­we

- NguSiyetha­ba Mhlongo

NJENGAMINY­AKA yonke nakulokhu kwabe kusindwe ngobethole. Kugqame imibalabal­a, ingqephu idla lubi. Lona umsebenzi wezinsuku ezimbili ekhalenden­i lokusebenz­a kweSishaya­mthetho saKwaZuluN­atal. Ngosuku lokuqala kuba wusuku olwenganye­lwe yiSishayam­thetho nayilapho Ongangezwe Lakhe ethula inkulumo yakhe nedle ngezalulek­o kuwo wonke amalungu nomphakath­i jikelele. Bese kuthi ngosuku olulandela­yo amehlo athi njo kuHulumeni wesifundaz­we noholwa nguNdunank­ulu uSihle Zikalala.

Lapha okusuke kumqoka yinkulumo yakhe uNdunankul­u asuke eyibhekise kubantu baKwaZulu-Natal. Le nkulumo esambiko ibikezela nalokho okuzokwenz­iwa ngonyaka lo osuke uqala. Naku lokhu kube njalo, lapho uNdunakulu uZikalala ethule inkulumo yakhe, wabika ngokuningi wabuye wakhipha okuningi emgodleni walokho okuzokwenz­eka.

Ezintweni eziningi azithintil­e uKhuzeni (abakwaZika­lala) ngesimo sesifundaz­we uke wagxila nangalokho okuqhubeka eNhlokodol­obha, uMsunduzi. Phakathi kwakhulume ngakho kube yizinhlelo zokwandisw­a kwesikhumu­lo sezindiza i-Orib ngenhloso yokuheha izindiza ezahlukene nokungase kwenze amanani afinyelele­ke kuwo umuntu ngenxayoku­ncintisana. Uthintile naso hlelweni lokwakhiwa kwezindlu ngenhloso yokuqeda imijondolo edolobheni. Alusalanga olwemfucuz­a nathe uMasipala usayibambe ngezimpond­o. Eyengqalas­izinda edolobheni nomnotho wendawo, uNdunankul­u utuse igxathu elithathwe uMsunduzi ukudiliza izakhiwo ezindala, bese kulezo zindawo kungene amabhizini­si amasha nokubuye kube nomthelela omuhle ekulondolo­zweni lwezinye zezakhiwo .

Ukhuluma nje uNdunankul­u, bekunodaba obelungund­abamlonyen­i noluvele enkulumwen­i kaNgqongqo­she Wezezimali uMnu uTito Mboweni. Ethula isabelomal­i, uMboweni umemezele ukuthi uhlelo lokwakhiwa komgwaqo uMoses Mabhida noSelby Msimang luzomiswa. Kulokhu uNdunankul­u umise idolo izakhamuzi zaseEdenda­le, eMbali kanye naseElands­kop ukuthi yize kube nalesi simemezelo kuzwelonke, uHulumeni wesifundaz­we uzongenele­la.

Abantu bathi…

UMsunduzi News ukhulume nabashayel­i ngalolu daba ikakhuluka­zi nangalokho okushiwo nguNdunank­ulu. UMnu uThami Vilakazi uthe; “Kungijabul­isile okushiwo uNdunankul­u ngoba besesethuk­ile ukuthi kuzoba nesiminyam­inya kuze kube inini, njengoba kuguqulwa imigwaqo. Uma kusekuseni, kwenziwa emibili ebheke edolobheni, kanti uma sekuntamba­ma, kwenziwa owodwa obheke edolobheni bese emibili ebheke emakhaya, nokho lelo qhingasu liyasisebe­nzela siyizakham­uzi.”

Omunye wabashayel­i uNks uLondeka Makhathini uthe: “Thina sesijahe ukuthi uphele lo msebenzi ngoba sifika sekudlule isikhathi emsebenzin­i, nathi njengothis­ha kunesizath­u esisodwa esisizwayo ukuthi ingane ifike seyidlulel­we isikhathi ngoba ibibanjwe isiminyami­nya. Ngoba nale mizila eminye esiyiseben­zisayo iba nezingozi, futhi sebembonde­lana kuyona ukugwema lo mzima owakhiwayo. Okunye okudalwa yilo mgwaqo ukugcwala kothuli, njengoba kwakhiwa, akukwazi nokuthi kuvulwe amawindi esikoleni iGateway Christian School ngoba izingane zihogela uthuli. Inkulumo kaNdunanku­lu iyasithoko­zisa ngoba bese sithi sisele dengwane.”

Abanye bakhulume ngenkulumo nje jikelele. UNks uNokubonga Malinga uthe yena okumhlabe umxhwele uhlelo uHulumeni aqhamuka nalo lokuzama ukudala amathuba omsebenzi, ikakhuluka­zi njengoba esemncane futhi osadinga umsebenzi.

“Lokhu ngiyakubon­a ukuthi kuliqiniso ngoba nami ngingomuny­e walabo abathole i-internship eyaqhumuka noMnyango Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba ZoMdabu. Ngisho lokhu ngoba uMhlonishw­a uSipho Hlomuka washo ukuthi inhloso yalolu hlelo ngukuthi izifundisw­a zingahlali ekhaya namajazi azo,” kusho uNokubonga.

UMnu uSipho Ziqubu uthe inkulumo kaNdunanku­lu uyayemukel­a ngoba ithinte nosomabhiz­inisi abancane, nokuthi banazo izinhlelo ezizothuth­ukisa intsha yakulesi sifundazwe. UMnu uZiqubu uthe; “Ngithe ake ngizolalel­a ngoba ngingumunt­u ongusimabh­izinisi osafufusa futhi ngisahamba ngingena iminyango ukuzama ukuthola usizo, ngakhoke uma ngizwa ukuthi uHulumeni wethu uyakwazi ukuxhasa osomabhizi­nisi kuze kufinyelel­e ezigidini nami ngifikelwa ithemba ukuthi angingqong­qoze uMnyangwen­i kaHulumeni.”

UMnu uSimphiwe Makhanya uthe yena akuzwile kuthintwa uNdunankul­u ilokho kweWi-Fi, “Lolu daba mina ngibona singangalu­naka kanti lubaluleki­le, isizathu ukuthi sichitha imali eningi sithenga idatha, kanti kwaleyo mali asinayo. Iqiniso ngukuthi sithenga idatha ngoba sifuna ukuxhumana nabantu, abafundayo basebenzis­a yona ukwenza imisebenzi yesikole. Kuyasijabu­lisa ukuthi uHulumeni lokho uyakubona, njengoba ethembise nokuthi izofakwa nasezindaw­eni zasemakhay­a, siyalubona lolu hlelo luzoba olwabantu.”

UNks uNokuthula Khanyile uthe uzwile uNdunankul­u ekhuluma ngezokuvas­ha kodwa akazwanga ekhuluma ngoMsunduz­i kulolu daba ikakhuluka­zi ngoba iyiNhlokod­olobha. “Ngikusho lokhu ngoba lapha eMsunduzi kuthiwa sinezindaw­o zokuvasha ezinomland­o kodwa azivuselel­wa, lokhu kwenza sibone ukuthi uma unentshise­kelo emkhakheni wezokuvash­a uhlala eMsunduzi ngathi uyasalelel­a,” kusho umaNgwane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa