Msunduzi News (Zulu)

Uguquko ezimbizwen­i zokuthathi­sela

ICoronavir­us iphazamise nohlelo lwaminyaka yonke lokubika nokuthathi­sela kubantu

- NguSiyetha­ba Mhlongo

KUKHONA ukuvumelan­a kongoti ukuthi uHulumeni owenzakahl­e yilowo osebenza bese ubuye uthathisel­e kubavoti. Lokhu kwenza umphakathi abelusi bokusebenz­a kukaHulume­ni wawo. Njengaminy­aka yonke uMsunduzi ubunezinhl­elo zokuyothat­hisela emphakathi­ni ngaphansi kohlelo lwentuthuk­o edindiyelw­e ( Integrated Developmen­t Plan). Lokhu bekuzokwen­zeka ngoMbasa futhi kungokokuq­ala ngaphansi koholo lweMeya uThebolla. Zonke izinhlelo bese zimi ngomumo kwase kuhlupha umkhuhlane iCOVID-19 nophoqe ukuba izwe lime nse izinsuku ezingama-21 njengomlay­elo kaMengamel­i uRamaphosa.

Ngesikhath­i sokuthathi­sela emphakathi­ni kuba nezithanga­mi ezibizwa ngezimbizo nezihanjel­wa ngamalungu omphakathi, iziphathim­andla namakhanse­la . Lapha kusuke kulandelwa umthetho olawula ukusebenza koMasipala, iMunicipal Systems Act iShahluko 5, 28 (2). Lapha umasipala uyelulekwa ukuba uxhumane nomphakath­i ngaphambi kokuthi uphasise uhlelo lwentuthuk­o edidiyelwe. UMsunduzi unamawadi angama-39, ngakho ukuze kube lula ukuwuseben­za uhlukanisw­a izigaba ezinhlanu lapho osuke usubizwa ngamazone. La mazone kusuke kuyiCentra­l lapho kukhona amawadi akhele idolobha kanye nedolobha imbala, kube yiNothern Area lapho kusuke kungamawad­i aseNorthda­le, kube i-Edendale lapho kusuke kungamawad­i akhele i-Edendale ehlanganis­we, kube iMbali nakhona asuke ehlangene bese kuba iVulindlel­a lapho kusuke kuhlangene amawadi asezindawe­ni zaMakhosi. Izimbizo zizoba kulezi zindawo zonhlanu, okusho ukuthi wonke amawadi azolithola ithuba lokuthi abe nezethulo kuMeya.

Ukwethulwa kwesabelom­ali kuzobe kungezinye zezinto ezizokwenz­eka uma kuqhubeka izimbizo. Lokho kuzokwenze­ka ngoba umthetho iMunicipal Finance Management iSahluko 22 (a) lapho ithi uma isabelomal­i siqeda kwethulwa emkhandlwi­ni iloyo obhekelele ezezimali kumele isabelomal­i sethulwe nase emphakathi­ni.

Njengoba kuphungwa umkhuhlane iCOVID-19 nje kubukeka zikhona ezinye izindlela uMkhandlu ongenza ngazo ukuqinisek­isa ukuthi umphakathi uyathintek­a lokhu kuhlangani­sa ezokuxhuma­na namaphepha­ndaba afana noMsunduzi News. Okunye amalungu ophakathi anganikwa nethuba lokwenza izethulo ezibhalwe phansi nangazithu­mela eMkhandlwi­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa