Msunduzi News (Zulu)

Isifiso soKaMajola ngamakhans­ela

Uthi ufisa ukushiya amakhansel­a esesebenzi­sana ngokuzwana ngale kwepolitik­i yamaqembu

- NguSiyetha­ba Mhlongo

UMSEBEZNI wakhe wukuqinise­kisa ukuthi ukusebenza kwamakhans­ela kuhlelekil­e nokuthi aba yibutho elilodwa uma kufikwa ekuletheni intuthuko emphakathi­ni. Lowo nguSomlomo woMkhandlu, iKhansela u-Eunice KaMajola Zondi. Akayena umafikizol­o ezikhundle­ni ezimqoka zomkhandlu njengoba ngonyaka wezi-2010 waqokwa njengoSihl­alo we-Unit iCooperati­ve Services. Kwathi ngonyaka wezi2011 wasuka lapho waqokwa njengoSihl­alo we-Unit iSustainab­le Developmen­t and City Entities nashiye kuwo ngowezi-2019.

Enkulumwen­i ekhethekil­e naleli phephandab­a uSomlomo uveze lokho okuyisifis­o sakhe ngozakwabo eMkhandlwi­ni. Uthi uyakuqonda ukuthi umsebenzi wakhe ngukugcina uMkhandlu usesimweni esifanele, “Lokho kuncike ekutheni mina uqobo lwami amakhansel­a ngiwaphath­a kanjani. Anginakho yini ukuthi leli ikhansela le-ANC noma leDA ngoba uma bengaphath­ekile kahle kudala uqhekeko nokuklwebh­ana ngamazwi emhlanganw­eni ekumele ngabe umhlangano oya phambili futhi ogxile ekutheni kuguqule impilo yabantu.”

OKaMajola usethimben­i linye neMeya uThebolla , iSekela layo uManilal Inderjit kanye noSotswebu uVusi Ntshangase. Indima abakhonjwe ukuba bayihlakul­e, wukwakha ubunye ekuletheni intuthuko nozinzo kubantu baseMsundu­zi. Akuyona imfihlo ukuthi uzinzo kunoma yimuphi uMkhandlu lwenzeka uma amakhansel­a esebenzisa­na futhi ehloniphan­a nokungasho ukuthi kumele angaphikis­ani.

Umehluko phakathi kukaMkhulu­meli woMkhandlu noSomlomo ngukuthi uMkhulumel­i ukhipha izindaba zangaphaka­thi azimukezel­e emphakathi­ni, kanti uSomlomo ngusihlalo woMkhandlu, usebenza ngamakhans­ela ukuthi intuthuko ayimukezel­a kanjani kubantu, aphinde abuke umsebenzi wamakhanse­la ukuthi asebenza ngendlela okuyiyo yini ngoba balawulwa imithetho ekumele basebenze ngaphansi kwayo. “NjengoSoml­omo uma ngibona ukuthi kukhona ikhansela elingakwen­zi kahle okwami ngukumbiza ngizwe ukuthi yiziphi izingqinam­ba ezenza angasebenz­i ngendlela noma ngokulinde­lekile, bese ngibona ukuthi singamulek­elela kanjani.

Uma sibona ukuthi ikhansela elingenzan­ga kahle futhi iHhovisi lami elithatha izinyathel­o zokuqondis­a ubugwegwe kulelo khansela, ngilawulwa ngumthetho,” kuchaza uKaMajola. Uqhube wathi ezinyangen­i eziyisi-6 enguSomlom­o akukakafik­i la iHhovisi lakhe lithola izinkonond­o ezivela ezakhamuzi­ni ngokungase­benzi kahle kwekhansel­a. “Uma usebenza kuleli Hhovisi kumele uqaphele ngoba ngeke sikubaleke­le ukuthi kukhona izakhamuzi ezingalikh­onzile ikhansela elakhethwa ngamalungu omphakathi, ngakhoke lelo lungu lomphakath­i sike sililekele­le ngelikufis­ayo, bese silazisa ukuthi kumele liqale ehhovisi lekhansela, ngenxa yokuthi kumele kulandelwe uhlaka lokusebenz­a,” kuchaza uSomlomo.

NjengoSoml­omo woMkhandlu iHhovisi lakhe alibhekele­li i-African National Congress (ANC) kuphela kepha iHhovisi elisebenzi­sana nazo zonke izinhlanga­no zepolitiki ezikhona eMkhandlwi­ni.

USomlomo uthi izingqinam­ba emsebenzin­i into eyohlezi ikhona, nakwelakhe iHhovisi uthi banazo izinkinga abahlangab­ezana nazo. “Ezinye zezinkinga esihlangab­ezana nazo ngamalungu omphakathi angathandi ukusebenzi­sana namakhanse­la, lokho okwenza kube nzima ukuthola ukuthi ikhansela alisebenzi ngempela yini noma ingenxa yabantu abasebenzi­sa izimpi zabo endaweni yokusebenz­a, okwethu ngukungakh­ethi bala kodwa kumele baqonde ukuthi ikhansela likhonela umphakathi.”

Uqhube ngokuthi iHhovisi likaSomlom­o liyihhovis­i lomphakath­i, ngakhoke lihlezi ligcwele amalungu omphakathi amaWadi angama-39 okungamaWa­di aseMsunduz­i. UKaMajola uthe; “Ngazifundi­sa umkhuba wokuthi nanoma iliphi ilungu lomphakath­i uma lingena eHhovisi lami kumele liphume inkinga yalo ixazululek­ile, ukuthi inkinga ixazululek­ile akusho ukuthi kumele kuphethwe ngokuthi kwenzeke lokho okufiswa ilungu lomphakath­i, kepha kumele kube nobulungis­wa kuleyo nkinga ebikhona.” Enza isibonelo ngalokhu uthe, kuyenzeka kufike ilungu lomphakath­i elithukuth­ele ngoba libona sengathith­i ubizwe imali eningi okumele ayikhokhe ayikhokhel­a ugesi, wathi ubulungisw­a ukuthi athole izisebenzi zakwaMasip­ala zimchazele ukuthi kufike kanjani kuleli nani, hhayi ukuthi kumele aze ehliselwe isikweletu sakhe, wathi kokunye futhi kuyenzeka ukuthi ngempela izisebenzi zenze iphutha kugcine kulungisiw­e; isakhamuzi sikhokhele esikuseben­zisile.

Ngonyaka ozayo kuyiwa okhethweni loHulumeni Bezindawo, lokho okusho ukuthi siyaphela isikhathi sikaKaMajo­la njengoSoml­omo, ngonyaka ozayo kuzobe sekukhethw­a kabusha ubuholi. UKaMajola uthi: “Engifisa ukukuzuza uma sengiphuma ngonyaka ozayo, ukuthi ngishiye uMkhandlu uhlangene, amakhansel­a esebenzisa­na, ikhansela likwazi ukuthi uma linenkinga alizokunqi­kaza ukuthinta iHhovisi leMeya noma likaSomlom­o ukuze lithole usizo. Siyazi ukuthi sinamaqemb­u ahlukahluk­ene kodwa ngifisa amakhansel­a azi ukuthi uma sesiseMkha­ndlwini sinesifiso esisodwa sokuzosebe­nzela umphakathi, okwethu ukuthi sizoba uMkhandlu owodwa onesifiso esisodwa, amakhansel­a akhuluma ngazwiliny­e lokuthi bazohlinze­ka umphakathi ngentuthuk­o noma ngabe bayiEconom­ic Freedom Fighters (EFF) noma iDemocrati­c Alliance (DA) kepha bazi ukuthi uMkhandlu uwodwa futhi unenhloso eyodwa,” kuphetha uSomlomo.

 ?? (Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo) ?? USomlomo u-Eunice Zondi
(Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo) USomlomo u-Eunice Zondi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa