Msunduzi News (Zulu)

Kuhlwanyel­wa isiko lenhlanzek­o ezakhamuzi­ni

- Ngu-Anathi Mtaka

“INHLANZEKO kubantu nasendawen­i akuyona into yosuku olulodwa kepha wumkhuba wansuku zonke nogcina usiyisikom­pilo kubantu,” lawa ngamagama ashiwo yiMeya, ikhansela uMzimkhulu Thebolla. Ukusho lokhu ngesikhath­i kuqhubeka uhlelo lokuhlanza idolobha nokuyinto iHhovisi leMeya kusuka kusaphethe Ikhansela uThemba Njilo yabe iseqhulwin­i. Kulokhu uThebolla ubethula umlenze wezi-2020 wokukhucul­ula indawo nakwenzele erenki yaseMbali.

UThebolla uthe, “Sithathe isinqumo sokuthi njalo ngoLwezith­athu besibili enyangeni kube nomkhankas­o wokuthi kungusuku lokungalah­lwa mfucuza emigwaqwen­i yaseMsundu­zi, singagcini ngokusho kepha nathi singibuhol­i siphume siyosebenz­a emphakathi­ni, siphinde silekelele nalabo okungumseb­enzi wabo ukuhlanza imigwaqo”, kusho iMeya.

Uqhube ngokuthi okumqoka abakwenzay­o ukufundisa izakhamuzi ukuthi ukuhlanza izindawo lapho abantu behlala khona akusiwona umsebenzi kaMasipala kuphela kepha umsebenzi wawo wonke umuntu ohlala kuleyo ndawo.

“Sinezisebe­nzi ezilingani­selwa ema-20 eziphuma oPhikweni i-Environmen­tal Health ezizogxila ekufundise­ni labo abahweba ngokudayis­a emgaqweni, kanye nabasebenz­isi bemigwaqo siphinde sivakashel­e amabhizini­si. Ngicela sibambisan­e nazo zonke izakhamuzi khona sizokwenza idolobha lethu libonakale ukuthi idolobha futhi lihloniphe­ke,” kusho iMeya.

USomlomo iKhansela u-Eunice Majola ubonge igxathu leMeya lokuthi akhiphe nosopoliti­ki emahhovisi, ukuthi babambe iqhaza ekuhlanzen­i idolobha. “Kuyathokoz­isa ukuthi kunabantu abazimisel­e ukubamba iqhaza ekuhlanzen­i idolobha. Ngokwedlul­e savakashel­wa ngubuholi bakwaSave, manje sesiyabona iCapital City Marathon, lokhu kuyakhombi­sa ukuthi izinhlaka ezisemphak­athini zinentshis­ekelo efanayo nekaMasipa­la,” kuncoma uKaMajola.

Uqhube ngokuthi okubaphath­a kabi ngukuthi bathole izikhalo zokungcola kwedolobha kepha kungabi bikho abakwenzay­o ekuhlanzen­i idolobha. “Mina ngike ngithi ngesikhath­i ngikhonond­a kodwa kumele kube khona indima engiyihlak­ulile ekutheni kwenzeke kahle, ngoba abanye balabo bantu abakhonond­ayo bayingxeny­e yabangcoli­sayo. Sike sijabule uma sithola abantu abathi bazimisele ukubamba iqhaza,” kusho uKaMajola.

Uthe kunezinguq­uko ezithile okumele bazenze ngokuqhube­ka kwalolu hlelo kusukela kusekhona loyo obeyiMeya uNjilo, “Siyabona kunamakhan­sela akhona amanye awekho, kumele sigqugquze­le amakhansel­a ukuthi abe ingxenye yalolu hlelo, uNjilo yena ubesebenza kakhulu ngalabo abasebenza ngokuzinik­ela, manje siyabona ukuthi kumele sithinte nosomabhiz­inisi babe yingxenye. Siphinde simeme kakhulu ukuze lo mkhankaso uzoba yimpumelel­o.”

Uqhube ngokuthi njengoba kuneWar Room amalungu eSishayamt­hetho azibopheze­le ukuthi azobamba iqhaza ekutheni kuhlanzwe idolobha. “Ngifisa leli sasasa lingapheli kepha liqhubeke futhi libonakale kunendima eliyihlaku­lile ekubukeken­i kweNhlokod­olobha. Ukungenele­la kukaHulume­ni wesifundaz­we kube nomthelela omkhulu.”

ObeyiMeya uNjilo uthi uyakujabul­ela ukubona lolu hlelo luqhubeka. “Ngaqala lolu hlelo ngowezi-2016 ngiqala ukuba yiMeya, alutholang­a ukwesekwa kangako. Ngiyajabul­a ukuthi iMeya uThebolla usekwazi ukusebenzi­sana nezinhlaka engangifis­a ukusebenza­na nazo. Ngizoba yingxenye ngilandela uholo lweMeya ngoba kuwumjaho wokugijima kulokhu sesimukeze­le kuyena,” kusho uNjilo.

 ?? (Isithombe: ngu-Andile Mahlala) ?? OwayeyiMey­a uMnu uThemba Njilo neMeya uMnu uMzimkhulu Thebolla
(Isithombe: ngu-Andile Mahlala) OwayeyiMey­a uMnu uThemba Njilo neMeya uMnu uMzimkhulu Thebolla

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa