Izinhlelo zokugcina umlando wamalokishi
EMIZANWENI yokulondoloza umlando wendawo, uMasipala usuhlangane neNyuvesi YaKwaZulu Natal, iNyuvesi iQueens okungeyaseCanada, amalungu omphakathi kanye nenhlangano engenzi nzuzo iSinomlando ukuqoqa umlando wase-Edendale.
Le ndawo inabantu abaningi abangamaqhawe kanye nezigayigayi ezaqatha indima emqoka ukulwa nobandlululo, njengoMnu uSelby Msimang nosomankomane uJoe Ngidi owayeshaya isbhakela okungabantu abahlonishwa iNingizimu Afrika yonke. UMsunduzi unqume ukusebenzisana nalezi zinhlaka khona kuzoqoqeka umlando wala maqhawe, izifundiswa zase-Edendale ziyingxenye yalolu hlelo lokuqoqwa kolwazi.
USolwazi uVaughn John omele iNyuvesi YaKwaZulu Natal uthe kuyamuthokozisa ukuba yingxenye yethimba ezoqoqa ulwazi nge-Edendale. “Into engihlaba umxhwele ukuthi sisebenzisana neNyuvesi iQueens sizofundisa ukuqoqa ulwazi ngendlela entsha, okumnandi ukuthi i-Edendale ihlobene kakhulu nezimpi zodlame siyazi ukuthi kuningi esizokuthola laphaya, kanye nabantu abaningi esizobavundulula ababamba iqhaza elimqoka ukuthi kuliwe nobandlululo, abekade bengavelele,” kulanda uSolwazi uJohn.
Omele iSinomlando uNkk uNomagcwanini Nokwe uthe yena angakuthandi ukuthi zonke izindawo ezinomlando e-Edendale usefike wathola ukuthi ziyashabalala. UMnu uMandla
Ntombela omele uMsunduzi uthi kunabantu abaningi abasuka kule ndawo ngenxa yodlame, kodwa kunezindaba ezingalotshiwe phansi okumele zaziwe izizukulwane ngezizukulwane.
Olilungu lomphakathi okhethe ukuba ingxenye yalolu hlelo uMnu uSifiso Mbambo uthe zikhona izincwadi ezibhaliwe kodwa zinolwazi olushodayo. Intsha kunolwazi engalwazi njengokuthi iGeorgetown kwakuliplazi lomlungu u-Andries Pretorius owalithola mahhala eNdlovukazini yamaNgisi uVictoria.
“Isikole samabanga aphansi iNicols abazi ukuthi kwakuyiNatal College okwakulikolishi lokuqeqesha othisha elasungulwa isonto iWeseli, lathutha laya eRichmond labizwa ngeNdaleni, bafika bengeza nezifundo zobuciko, labuya ngenxa yokulwa kwamalungu ebandla, labuya sekuyiNdumiso, njengoba sekuyiDurban University of Technology. Sizoqala emlandweni wangowe-1851,” kusho insizwa esikhulile uMnu uMbambo.
UDkt uZamo Hlela omele iNyuvesi YaKwaZulu Natal uthe inhloso ukuthi kube nokubhalwe phansi ngelokishi i-Edendale, ngoba okukhona kuyaziwa nje kodwa akubhaliwe phansi, namaqhawe alwela inkululeko awabonakali, njengoJoe Ngidi abaningi abazi nokuthi ngubani loyo, bazi isitobhi nje esizikhathalele ekuthiwa ikwaJoe kodwa abazi ukuthi kusukaphi.
“Ngesikhathi sihlanganisa lo mlando sizozebenza nezifundiswa ezingasebenzi, abafundi baseNyuvesi kanye namalungu omphakathi, abafundi abaningi bashiyilile ngoba bebecabanga ukuthi kuyaholwa kodwa okuseqinisweni sisebenza ngemali yethu ngoba sinentshisekelo ngokufunda, futhi senzela isizukulwane akusikhona ukuthi senzela inkece,” kulanda uDkt uHlela. Uthe ufisa lezi zifundiswa ezingasebenzi kanye nentsha esiphothulile esikoleni ithole uqeqesho ngokuthi ulwazi luhlanganiswa kanjani.
Uqhube ngokuthi bazimisele ukusebenzisana nanoma ibaphi abafundi bamabanga aphakeme ikakhulukazi abenza ibanga le-12 abenza isifundo iHistory ngoba ngesigaba sesibili kulindeleke ukuthi babhale ngomlando wezindawo zasemakahaya ngalokho bazimisele ukubalekelela.
“Okunye esizokwenza ukuqoqa umlando wabantu, izindawo kanye nezigameko ezenzeka ngaleya minyaka, siphinde sibuze imibuzo kubantu besifazane abayizinhloko zemindeni bezwakalisa imizwa yabo ngesimo senhlalo, izinhlaka ezibalekelelayo, kanye nokubandakanyeka koHumuleni Bendawo empilweni yabo,” kusho uDkt uHlela.
Ezinye zezinto ezizokwenzeka kuzosetshenziswa izithombe zamalungu omphakathi azithwebula ngesikhathi sengcindezelo. Kuvakashelwe izindawo njengehhotela iDuSalle, umuzi kaHarry Gwala, umuzi kaJoe Ngidi, umuzi kaDkt uBlade Nzimande kanye nezinye izindawo ezimqoka.