Izinhlelo zokubangula iva lemfuncuza
UKUNGABI sesimweni kweLandfill Site ngeke kwabalekelwa ukuthi kuthinta abantu abaningi, kanye nempilo yabo ngoba le ndawo yakhele imiphakathi, futhi kungena nabantu kuyo, kuphinde okwenzeka kuyo kuthinte impilo yabantu abayakhele. UMasipala ukusho ngokungananazi ukuthi usuhlonze inkampani ezokwenza konke okuqondene neLandfill okudingekayo ukuze ibuyele esimweni esithokozisayo, ngalokho khona kuzophinda kubonakale ukuthi ikuphi lokhu okwenza ithole indondo ngowezi-2010 yokuthi kube iyona Landfill Site edle umhlanganiso eNingizimu Afrika.
Inkampani iSurg Sut iqokwe njengenkampani ezolekelela uMasipala izinyanga eziyisi-6 ekutheni kubuye isithunzi seLandfill Site. Isizathu sokuthi ilekelele ingoba kumele abasebenzi base Landfill site babone ukuthi ikuphi la abangenzanga khona kahle, bathole uqeqesho kule nkampani, kodwa kube kusetshenzwa ukuthi ihlanzeke futhi zisebenza zonke izinhlaka ekumele zisebenze kuyo.
Isikhulu sale nkampani uMnu uMax Lekgatle uthe okokuqala abakubone kumqoka ukuqinisa ezokuvikela kule ndawo kuqala ekutheni angangeni umshayeli engasiphethe imvume yokushayela okuyiyo egunyaza ukuthi ashayele. “Isizathu esenza ukuthi sidinge amalayisense ukuthi vele iyisidingo kumshayeli eNingizimu Afrika, ngalokhu asifuni kungene amavukani eLandfil ngoba izobeka engcupheni impilo yalabo abasebenzisa lesi sakhiwo,” kusho uMnu uLekgatle.
UMnu uLekgatle uthe kuqiniswe uhlelo lokulawula labo abangena ngaphakathi, ngenxa yokuthi bafuna ukwazi uma kunezimo eziphuthumayo bangaki abantu ekumele kuqinisekiswe ukuthi baphumile, kanjalo nenani lezimoto.
“Esikuqinisekisile ukuthi sifaka imishini esezingeni, ekwazi ukuthola uhlobo lwemfucuza ephethwe iloyo ozolahla, ngoba kunemfucuza engamukelekile eLandfil, njengokudla akudingeki nanoma ingesiphi isizathu,” kulanda uMnu uLekgatle. Uqhube ngokuthi asebekutholile ukuthi kunemfucuza ebilahlwa inkampani ekhiqiza ngo-oyela okuthi uma amazinga okushisa engafinyelela ama-36 kuLandfill kuqubuke umlilo. Lokhu kusho ukuthi kuyengeza ngoba iLandfill ikhiqiza igesi iMethane eyenza kube lula ukokheleka komlilo, okusho ukuthi ukulahlwa kwalento kubeka engcupheni iLandfill site.
UMlawuli uMnu uSicelo Duma uke wayibeka ezithebeni ukuthi uMaspala kumele uyibhekisise indaba yocwazi eMsunduzi ngoba yibo ababanga ukungcola okukhulu kwedolobha kanye nokuchichima kwezitamukoko. Nakolokhu uMnu uLekgatle ukhala esifanayo ngoba yibo abavale indawo yamanzi eLandfill, kanti nalabo abacosha imfucuza ababacoshi ngoba banenkece encane, una sebekalwa. “Iqhingasu esinalo ukuze kululwe ukusebenza kweLandfill ukuthi sifuna imfucuza elinganiselwa ema-90% isetshenziswe kabusha, ingakho ngiphethe osondonzima kulo mkhakha weLandfill Site,” kulanda uLekgatle. Le nkampani ephethe abantu abanomlando, njengoMnu uMagesh Govender osebe isikhulu iminyaka eyisi-8 semfucuza, kube uMnu uLivhuhani Manyetshe ongunjiniyela kusuka ngonyaka we-1982, kube uMnu uThembinkosi Ntshangase onemnyaka engama-28 ekumkhakha wokubuyekisa kabusha imfucuza.
“Esesifike sakuthola ukuthi imfucuza ibingagaywa ngendlela, lokho sesikukhulumile nabasebenzi baseMsunduzi, futhi sisebenzisana kahle ukulungisa lokhu, okokuqala ukuthi kumele isetshenziswe yonke iLandfill kungenziwa intaba ngemfucuza,” kuchaza uLekgatla.
Amalungu omphakathi abenokuthi labo bantu abacosha imfucuza kanye nalabo asebakhe imikhukhu kumele bakhishwe kulesakhiwo ngoba bayasolakala ukuthi yibo ababuye babe imbangela yokusha kwemililo kwiLandfill.
UMnu uLekgatle uthe; “ngeke kwabalekelwa ukuthi kunokwantuleka kwamathuba omsebenzi lapha eNingizimu Afrika, okusho ukuthi kunabantu abacosha imfucuza ukuyisa ibhodwe eziko. Esikubone kumqoka thina ukuthi labantu abacoshayo balawuleke, njengoba belinganiselwa ema800 kusho ukuthi sizobe silambisa imindeni engama-800 uma sithi abakhishwe.”
UMnu uLekgatle uthe bazobenzela amakhadi, kwaziwe ukuthi obani abamukelekile ukuzocosha, kubonakale ukuthi ubani ungenile futhi waphuma. “Esizoqinisekisa kukho ukuthi sifuna labo abacoshayo ngehora lesi-5 ntambama baphume bonke khona bezolawuleka,” kuchaza uMnu uLekgatle.
UMnu uSikhosiphi Simelane uthe useneminyaka engama-25 ecosha kuleLandfill Site, akakaze aqashwe; “Ngenyanga ngenza imali engaphezu kwezi-R5 400.00, ngisebenza zonke izinsuku, nami ngangingomunye walabo abahlala lana ngaphakathi (Landfil site) kodwa ngayeka ngoba kunobungozi.” Echaza ngobungozi uthe abantu bebebulalana ngenxa yokubanga imfucuza, mawulala ngaphakathi ulala ungalele. UNks uNompumelelo Nxumalo yena wenza okwehlukile ngokudayisela labo abacosha imfucuza okuya ngasethunjini uthe; “Ngangisafosha (igama abalisebenzisayo elisho ukucosha imfucuza) ngingumuntu odayisa amagwinya, ngiwaxove bese ngiyofosha, begcina sebengibiza njalo bethi asephelile amagwinya, ngagcina ngibonile ukuthi angigxile kukona ngoba kunenzuzo.” uthe ngosuku wenza inzuzo yama-R700 ngelanga. Lokhu kudla ukuphekela eLandfill Site, udayisa amagwinya, ukudla kwesipuni, oqhumpatsha, kanye neziphuzo.