Amaxhama okubambisana nabangenzi nzuzo
UMLANDO womzabalazo wabantu baseNingizimu Afrika unobufakazi obuqandula ikhanda bokusebenzisana phakathi kwezinhlangano zombangazwe kanye nalezo ezabe zingenzi nzuzo zomphakathi. Lezi zinhlangano zabe zihlanganisa amahlelo ezenkolo nezinhlangano zosizo. Lobu budlelwano baqhubeka ngesikhathi lowo owayenguMengameli wokuqala wedemokhrasi, uMnu uMandela esondeza lezo zinhlangano ukuba nazo zibe nesandla ekwakhiweni kweNingizimu Afrika entsha.
Njengoba engafihlile ukuthi ukungena kwakhe esikhundleni uhlose ukwakha kabusha ukubukeka koMsunduzi, iMeya uThebolla isike iphethini kuMandela njengoba ingafihli ukuthi uma yakha kabusha ngeke zisale ngaphandle izinhlangano zomphakathi nezosizo ezingekho ngaphansi kukaHulumeni. Ngokusho kwakhe, yize uHulumeni engaba nezifiso kepha kukhona lapho engefinyelele khona nokungena khona izinhlangano ezisebenza nomphakathi. Ukuqinisekisa amaxhama uThebolla usehlangane nezinhlangano nabaholi bazo abehlukene kuthungwa izindlela zokusebenzisana.
“Ubuhle balezi zinhlangano wukuthi ziza namakhono ehlukile amanye angekho kuMasipala. isibonelo nje odabeni lwabahlala emgwaqeni uMasipala awunawo amakhono anele okubhekana nabo nsuku zonke nokuyilapho lezi zinhlangano ezinye ezinongoti zingena khona”, kusho uThebolla. Phakathi kwalabo osekuvele kunezinhlelo zokusebenzisana singabala; iYMCA, iKhayelihle, iGreat Imbali Rehabilitation, iCommunity Chest, iPietermaritzburg Agency for Community Social Action (PACSA) iGirt kanye neBishopston.
Emhlanganweni oke waba khona ngenhloso yokudingida ukusebenzisana lezi zinhlangano zithole ithuba lokwenza izethulo. abeYMCA baveze ukuthi banazo izinhlelo zokthuthukisa intsha kungaba ngokwemfundo noma ngokwempilo. Bona bathi bagxile kakhulu kulabo abangenawo amakhaya, kanti baqashe osonhlalakahle abaqeqeshiwe . Bazishaye isifuba ekutheni sebekwazile ukuthi balekelele intsha eningi ezigqinambeni ebhekene nazo zokukhula.
Abanye abenza okufanayo neYMCA yiKhayelihle nabathi bagxile kakhulu entsheni esigwinywe yizidakamizwa naleyo efisa ukucijiswa ngamakhono ehlukene. AbeGreat Imbali Rehabilitation nabo kabasalanga ngaphandle ekuvezeni imisebenzi yabo emihle. Bona phakathi kokunye balekelela intsha ebikade ilekelelwa ekuphumeni ezidakamizweni ngoxhaso lokudla kanye nemithi ngoba imba eqolo. IBishopston yona ilekela abafundi ngokubabhekela imisebenzi, banekhaya lezingane elinemibhede eli-19 kanti bafisa ukuthola engama-25.
Enye inhlangano enomlando omude ekusebenzeleni umphakathi waseMsunduzi namaphethelo yiCommunity Chest. Le nhlangano ingabaxhumanisi phakathi kwabantu abanamapulazi kanye nezinsiza abazimisele ngokuxhasa kwabaswele. Baphinda balekelele izinhlangano ezingenzi nzuzo ekutheni zifake izicelo zokuxhaswa ngezezimali. Okunye abakwenzayo ukulekelela abafundi ngezifundo, bese beqwashisa intsha nomphakathi ngezifo.
Ngesikhathi benza isethulo baveza ukuthi abakufisayo ukubona uMasipala ubaxhasa kwizinhlelo abanazo, baphinde basebenzisane nehhovisi lentsha elingaphansi kwehhovisi leMeya.
Enye inhlangano ebe nezethulo iPACSA yona ithi isebenza ngobulungisa emphakathini abakwenzayo ngukulekelela ngamaqoqo, iphinde ilekelele labo abayizisulu zokuhlukumezeka, baphinda balekelele ngezindawo la abantu bezokwazi ukutshala khona bezokwazi ukuzenzela ubuchwabalalana, bese bexosha ikati eziko. Asebekwenzile ukuxoxisana nemitapo yolwazi khona labo abangabafundi ababalekelelayo bezokwazi ukusebenzisa i-inthanethi.
Iphupho leMeya nobuholi bayo
Inanela izethulo zalezi zinhlangano iMeya ithe ifisa indawo uMsunduzi ibe ngengcono kanjalo noMkhandlu osebenzela izakhamuzi. “Ngifisa sisebenzisane nezinhlaka ezisemphakathini ukuze kube lula ukukhuphula umnotho walo masipala ngoba uma kwanda labantu abahlala emgaqweni kuyathikemezeka ukusebenza kwamabhizinisi kanjalo nabatshali zimali bayaphelelwa intshisekelo yokutshala,” kusho iMeya.
Iqhube yathi uMsunduzi uzivulile izandla. “SinguMasipala wabantu sizimisele ukuthola imibono namasu amasha azosiholela endleleni engcono, ikakhulukazi njengoba ngizwa ukuthi nani (izinhlangano ezingenzi nzuzo) injongo yenu ukuba nenhlokodolobha ehlanzekile,” kusho yona.
UThebolla uphethe ngokuthi bazosebenzisana nabomthetho khona kuzoqinisekiswa ukuthi idolobha likwazi ukufukamela bonke abantu futhi bazizwe bekhululekile. “Sizobuyekeza imigomo yethu la imiphakathi ibamba iqhaza kuMasipala sizosebenzisana kakhulu neKwaZulu-Natal Council of Churches (KZNCC).”