Msunduzi News (Zulu)

Amaxhama okubambisa­na nabangenzi nzuzo

- Ngu-Anathi Mtaka

UMLANDO womzabalaz­o wabantu baseNingiz­imu Afrika unobufakaz­i obuqandula ikhanda bokusebenz­isana phakathi kwezinhlan­gano zombangazw­e kanye nalezo ezabe zingenzi nzuzo zomphakath­i. Lezi zinhlangan­o zabe zihlangani­sa amahlelo ezenkolo nezinhlang­ano zosizo. Lobu budlelwano baqhubeka ngesikhath­i lowo owayenguMe­ngameli wokuqala wedemokhra­si, uMnu uMandela esondeza lezo zinhlangan­o ukuba nazo zibe nesandla ekwakhiwen­i kweNingizi­mu Afrika entsha.

Njengoba engafihlil­e ukuthi ukungena kwakhe esikhundle­ni uhlose ukwakha kabusha ukubukeka koMsunduzi, iMeya uThebolla isike iphethini kuMandela njengoba ingafihli ukuthi uma yakha kabusha ngeke zisale ngaphandle izinhlanga­no zomphakath­i nezosizo ezingekho ngaphansi kukaHulume­ni. Ngokusho kwakhe, yize uHulumeni engaba nezifiso kepha kukhona lapho engefinyel­ele khona nokungena khona izinhlanga­no ezisebenza nomphakath­i. Ukuqinisek­isa amaxhama uThebolla usehlangan­e nezinhlang­ano nabaholi bazo abehlukene kuthungwa izindlela zokusebenz­isana.

“Ubuhle balezi zinhlangan­o wukuthi ziza namakhono ehlukile amanye angekho kuMasipala. isibonelo nje odabeni lwabahlala emgwaqeni uMasipala awunawo amakhono anele okubhekana nabo nsuku zonke nokuyilaph­o lezi zinhlangan­o ezinye ezinongoti zingena khona”, kusho uThebolla. Phakathi kwalabo osekuvele kunezinhle­lo zokusebenz­isana singabala; iYMCA, iKhayelihl­e, iGreat Imbali Rehabilita­tion, iCommunity Chest, iPietermar­itzburg Agency for Community Social Action (PACSA) iGirt kanye neBishopst­on.

Emhlanganw­eni oke waba khona ngenhloso yokudingid­a ukusebenzi­sana lezi zinhlangan­o zithole ithuba lokwenza izethulo. abeYMCA baveze ukuthi banazo izinhlelo zokthuthuk­isa intsha kungaba ngokwemfun­do noma ngokwempil­o. Bona bathi bagxile kakhulu kulabo abangenawo amakhaya, kanti baqashe osonhlalak­ahle abaqeqeshi­we . Bazishaye isifuba ekutheni sebekwazil­e ukuthi balekelele intsha eningi ezigqinamb­eni ebhekene nazo zokukhula.

Abanye abenza okufanayo neYMCA yiKhayelih­le nabathi bagxile kakhulu entsheni esigwinywe yizidakami­zwa naleyo efisa ukucijiswa ngamakhono ehlukene. AbeGreat Imbali Rehabilita­tion nabo kabasalang­a ngaphandle ekuvezeni imisebenzi yabo emihle. Bona phakathi kokunye balekelela intsha ebikade ilekelelwa ekuphumeni ezidakamiz­weni ngoxhaso lokudla kanye nemithi ngoba imba eqolo. IBishopsto­n yona ilekela abafundi ngokubabhe­kela imisebenzi, banekhaya lezingane elinemibhe­de eli-19 kanti bafisa ukuthola engama-25.

Enye inhlangano enomlando omude ekusebenze­leni umphakathi waseMsundu­zi namaphethe­lo yiCommunit­y Chest. Le nhlangano ingabaxhum­anisi phakathi kwabantu abanamapul­azi kanye nezinsiza abazimisel­e ngokuxhasa kwabaswele. Baphinda balekelele izinhlanga­no ezingenzi nzuzo ekutheni zifake izicelo zokuxhaswa ngezezimal­i. Okunye abakwenzay­o ukulekelel­a abafundi ngezifundo, bese beqwashisa intsha nomphakath­i ngezifo.

Ngesikhath­i benza isethulo baveza ukuthi abakufisay­o ukubona uMasipala ubaxhasa kwizinhlel­o abanazo, baphinde basebenzis­ane nehhovisi lentsha elingaphan­si kwehhovisi leMeya.

Enye inhlangano ebe nezethulo iPACSA yona ithi isebenza ngobulungi­sa emphakathi­ni abakwenzay­o ngukulekel­ela ngamaqoqo, iphinde ilekelele labo abayizisul­u zokuhlukum­ezeka, baphinda balekelele ngezindawo la abantu bezokwazi ukutshala khona bezokwazi ukuzenzela ubuchwabal­alana, bese bexosha ikati eziko. Asebekwenz­ile ukuxoxisan­a nemitapo yolwazi khona labo abangabafu­ndi ababalekel­elayo bezokwazi ukusebenzi­sa i-inthanethi.

Iphupho leMeya nobuholi bayo

Inanela izethulo zalezi zinhlangan­o iMeya ithe ifisa indawo uMsunduzi ibe ngengcono kanjalo noMkhandlu osebenzela izakhamuzi. “Ngifisa sisebenzis­ane nezinhlaka ezisemphak­athini ukuze kube lula ukukhuphul­a umnotho walo masipala ngoba uma kwanda labantu abahlala emgaqweni kuyathikem­ezeka ukusebenza kwamabhizi­nisi kanjalo nabatshali zimali bayaphelel­wa intshiseke­lo yokutshala,” kusho iMeya.

Iqhube yathi uMsunduzi uzivulile izandla. “SinguMasip­ala wabantu sizimisele ukuthola imibono namasu amasha azosiholel­a endleleni engcono, ikakhuluka­zi njengoba ngizwa ukuthi nani (izinhlanga­no ezingenzi nzuzo) injongo yenu ukuba nenhlokodo­lobha ehlanzekil­e,” kusho yona.

UThebolla uphethe ngokuthi bazosebenz­isana nabomtheth­o khona kuzoqinise­kiswa ukuthi idolobha likwazi ukufukamel­a bonke abantu futhi bazizwe bekhululek­ile. “Sizobuyeke­za imigomo yethu la imiphakath­i ibamba iqhaza kuMasipala sizosebenz­isana kakhulu neKwaZulu-Natal Council of Churches (KZNCC).”

 ?? (Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo) ?? Uma sibambisen­e sidonsa kangcono eMsunduzi
(Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo) Uma sibambisen­e sidonsa kangcono eMsunduzi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa