Msunduzi News (Zulu)

“Sizimisele ngokuseben­za ngesinakho”

Ubuholi bukaThebol­la bulandela kulobo bukaMandel­a uma kufikwa ekubambisa­neni

- NguSiyetha­ba Mhlongo

UMHOLI oqotho yiloyo othekela kwabanye abaholi, bese ethatha okuhle. Isikhulu se-Unit iCommunity Service, uMnu uMbongeni Mathe wenzelokho ngenkathi ehlangene nabanye abaholi bama unit ahlukene nangaphans­i kuka masipala. Kulo mhlangano abaholi bebeyozoca­ba amasu okusebenza ngamandla kulonyaka. Phakathi kwezinye izinto ezahlonzwa njengezimq­oka kwakunguku­thi kugqugquze­lwe abasebenzi ukuthi basebenze ngalokho abanako, okunye kwakunguku­thi kuvuselelw­e intshiseke­lo yokusebenz­a kubasebenz­i ukuze bazimisele ukwenza ushintsho lapho eqashelwe ukusebenze khona.

Ukulalela kukaMathe kutuswe nguMnu uPhillip Mchunu osebenza kuSub Unit uParks and Recreation nothe ukufika kukaMathe kuvuselele umuzwa wokulangaz­elela ukusebenza. uMchunu nongomunye wezinduna ezintathu ezikwaPark­s, uthi bazimisele ukwenza idolobha libuyele esimweni esingcono nesifanele indawo okuthiwa yihloko dolobha yesifundaz­we saKwaZulu Natal.

“Sithanda ukubonga abaphathi bethu ngokusivum­ela ukuthi nathi siveze uvo lwethu, ngoba ithina esazi umsebenzi kahle, kwazise phela ithina esenza wona lo msebenzi. UMathe noMnu uPhiri bayasivume­la ukuthi nathi sisho ukuthi sibona kanjani sihlangane sivumelane,” kusho uMchunu.

UMacingwan­e uqhube ngokuthi ukuhlangan­a nabaphathi bakhe kumenze wazibona ehloniphek­ile. Uveze ukuthi nanoma izinsiza kusebenza zincane kodwa uthanda ukubonga ozakwabo ngokuthi babambisan­e kanye nabasebenz­i ababika kuyena, ngokuseben­za ngokuzimis­ela.

“Mina nginendawo engajutshe­lwa ukuthi ngisebenze kuyona, ukusebenza kule paki ngibone ithuba livuma ngabona ukuthi angize ngapha ngoba le paki inomlando futhi ingamanye yamapaki aheha izivakashi ngenxa yomlando ewuqukethe,” kulanda uMnu uMchunu.

Uqhube ngokuthi beyizisebe­nzi nabo bazimisele ukubambisa­na nabaphathi babo ngokuthi basebenze ngokuzimis­ela bakhuculul­e idolobha.

UMnu uMchunu oqaphe abanquma utshani ezimpamban­weni zomgwaqo uthe uqale ngokuqeda umsebenzi wakhe bese weza edolobheni ukuzokwenz­a ushintsho. UMchunu uthe akukho okungumlin­go akwenzayo ngaphandle kokuthi ileli thimba analo elisebenza ngokuzinik­ela. UMchunu uveze ukuthi yena uvame ukusebenza nalabo abasabambe okwesikhas­hana, futhi uyakuthoko­zela ngoba bayawuhlon­ipha umsebenzi, bayakuqond­a ukubalulek­a kokusebenz­a.

Phakathi kweziphaka­miso ezivezwe yizisebenz­i ukuthi kumele zisebenze ngezimpela­sonto ngoba izimoto zisuke zincane emgwaqweni, kanye nabantu abahamba ngezinyawo edolobheni.

“Sikwazile ukuthi sisebenzis­e imishini ukunquma utshani nokwenza ukuthi sisebenze ngesivinin­i, esikwenzay­o sisheshe sikubone ngoba masisebenz­isa imishini phakathi nesonto sisuke sisabela nezimoto ezidlulayo, nokugcina kumoshe isikhathi. Kunamapaki ekunabantu abakhokhay­o kuwona ngoba behweba njengale ese-Art Gallery lapho asikwazi ukuthi sivele sifike nemishini sidumise kodwa kusuke kumele sibahlonip­he, ngakhoke ngempela sonto siyakwazi ukuthi sifike sisebenze into ebonakalay­o, okusijabul­isayo ukuthi nalabo abahwebayo emapaki bayakuthak­asela esikwenzay­o,” kuchaza uMchunu.

UMchunu uphethe ngokuthi akufisayo ukubona kufika izivakashi kuleli dolobha zilethwa ngumlando oqukethwe yilo kanye nokuhlanze­ka kwalo. UMchunu uthe; “Ngeke sikubaleke­le ukuthi idolobha lethu lihle, njengezakh­amuzi zakulona siyaziqhen­ya ngalo, okusinika ingcindezi thina ukuthi kuncike kithina ukuthi silenze libukeke kahle njengabase­benzi abaphinde babe izakhamuzi zalo, sophoxeka uma sekungumla­ndo ukuthi ithina esaba imbangela yokushabal­alisa ubuhle baleli dolobha.”

 ?? (Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo) ?? UMnu uPhillip Mchunu onakekela ubuhle bedolobha
(Isithombe: Igunundu Agency/nguSiyetha­ba Mhlongo) UMnu uPhillip Mchunu onakekela ubuhle bedolobha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa