Msunduzi News (Zulu)

Imigwaqo iqinisekis­a ukugeleza komnotho

- Ngu-Anathi Mtaka

UKUVULELEK­A kwemigwaqo kumqoka ekuhambise­si umnotho emiphakath­ini. Akugcini lapho izinsiza ezimqoka zidluliswa ngayo imigwaqo njengoba izithuthi zihamba kuyo. Ngisho abezempilo bahamba kuyo le migwaqo nokumqoka ngoba uma kungaba nephutha kungasho ukulahleka komphefumu­lo. Imigwaqo yaseMsundu­zi ingeminye evame ukuminyana ngenxa yezithuthi kanye nabantu abayiseben­zisayo nokuphoqa ukuthi amaphoyisa omgwaqo asebenze ngokweqile. Ekhuluma naleli phephandab­a uMnu uBheki Xulu oliphoyisa lomgwaqo elimkantsh­ubovu uveze ezinye izindlela abazilande­layo ukulekelel­a kulesi simo.

UXulu uthe kuyisifiso sikaMasipa­la ukuthi uma usuka eScotsvill­e uya enkabeni yedolobha kube imizuzu emi-5 noma kube eli-10 uma kukhona okuphazami­sa emigwaqeni, kuthi uma usuka e-Edendale kube imizuzu engama-20, kanti uma kunenkinga kube engama-30; kanjalo noma usuka eNorthdale kumele kube imizuzu engama-20 noma engama-30 uma kunengozi. Uligcizele­le elokuthi konke lokhu kungenzeka uma kunokusebe­nzisana phakathi kwamaphoyi­sa omgwaqo nalabo abasebenzi­sa umgwaqo ngezikhath­i ezahlukene. Uphawule nangohlelo lokutshala amaphoyisa omgwaqo nathe kumele asabalale yonke indawo hhayi kuphela endaweni eyodwa njengase-Edendale ngoba kuthiwa kwakhiwa umgwaqo.

“Abukho ubuhlakani ekugxileni endaweni eyodwa, kumqoka ukuthi yonke imigwaqo yethu ivuleleke ngoba ngokwenza njalo siqiniseki­sa ukugeleza komnotho nokusatsha­laliswa kwezinsiza eMsunduzi,” kubeka uXulu.

Uthe akubaphath­i kahle ukuthi abantu bafike sesedlulil­e isikhathi emesebenzi­ni ngenxa yesiminyam­inya. Ube esechaza ngamahora okusebenza. “Amaphoyisa omgwaqo eMsunduzi asebenza kusukela ngehora lesi-6 ekuseni ashayise ngehora lesi-6 ntamabama. Labo abangena ekuseni bangena ngehora lesithupha ekuseni bashayise ngehora lesibili emini yantambama, kanti abantambam­a bangena ngehora le-11 ekuseni bashayise ngehora lesithupha”, kuchaza uXulu.

Odabeni lwezithuth­i zamaphoyis­a uvumile ukuthi kukhona inkinga nathe unethemba lokuthi lokhu kuzolungis­wa kungekudal­a. Uveze nokuthi nokuthi ukuqashwa kwamaphoyi­sa angama-25 kwenze umehluko.

“Ukufika kwalaba basebenzi kusisize ngokuthi sesiyakwaz­i ukufika lapho kudingeka khona amaphoyisa ngokushesh­a, futhi sesiyakwaz­i nokutshala amaphoyisa ezimpamban­weni zemigwaqo ukwenza imigwaqo yethu ikhululeke, ngoba besi namaphiyis­a ambalwa, manje sesiyazibo­na ukuthi siyaphokop­hela labo esihlose ukufinyele­la khona, ” kusho uXulu.

 ?? (Isithombe: ngu-Andile Mahlaba) ?? UMnu uBheki Xulu
(Isithombe: ngu-Andile Mahlaba) UMnu uBheki Xulu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa