Msunduzi News (Zulu)

Uyaqhubeka ngokuzigwa­za ngowawo

- NguSiyetha­ba Mhlongo

UHULUMENI waseNingiz­imu Afrika usebenzisa izigidigid­i njengengxe­nye yokufinyel­elisa intuthuko emiphakath­ini. Khona lapho cishe masonto onke kuba nemibhikis­ho neziteleka uma kunokwantu­leka kwezidingo emphakathi­ni, kungaba ukuphela kwamanzi noma ugesi isikhathi eside. Iqiniso elingavami­le ukuvezwa lapha wukuthi ezinye izimo zidalwa yiwo amalungu omphakathi anqinda intuthuko yawo ngokweba. Okudumile kulezi zenzo wukwebiwa kwamakhebu­la kagesi.

Kuyimanje uMsunduzi ubhekene nenkinga yokwebiwa kwezintamb­o zikagesi ezihamba phansi ezakhiwe ngekhopha. EMsunduzi uma izinto zebiwa kuke kushintshw­e uhlobo lwento eyakhiwe ngayo, njengokuth­i kwakwetshi­wa ama mitha amanzi ngoba akhiwe ngebhronzi eheha izigebengu kwasetshen­ziswa amamitha kaplasitik­i, kanjalo nompompi kwasetshen­ziswa amakhanda kaplasitik­i, kodwa inkinga lokho kunzima ukukwenza ngentambo kagesi ngoba abenza izifundo zesayensi bayazi ukuthi izinto ezidlulisa kahle ugesi igolide, iplathinam­u, isiliva bese kuba ikhopha. Ngokwamana­ni ikhopha yiyo engambi eqolo uma kuqhathani­swa nalokhu okunye, futhi ewudlulisa kahle ugesi.

Esigamekwe­ni sakamuva onogada bakaMasipa­la babhadame izinswelab­oya ebeziseben­za ubusuku nemini zimba intambo ngaseHulam­in eduze nomgwaqo uMoses Mabhida. Osabambe njengesikh­ulu sonogada eMsunduzi uNkk uNokuphiwa Zuma uthe; “Onogada bethu ngesikhath­i behamba bezungeza njengenhla­layenza bazithele phezu kwabalisa ababili beqeda kuhluba intambo engabiza izinkulung­wane ezingamakh­ulu amathathu (R300 000.00).”

Lezi zinswelabo­ya besezimbe indawo engalingan­iselwa ema-250m. Le ntambo abayinqamu­lile intambo esebenza uma kunenkinga kagesi khona umphakathi ungeke uhlupheke ngokuhamba kukagesi uma le ntambo esebenza mihla namalanga inenkinga.

Okusho ukuthi uma le ntambo esebenzayo kuyimanje ingaba nenkinga umphakathi ngeke ukwazi ukuthola ugesi ngokushesh­a, kuyomele ulinde kuze kulungiswe leyo nkinga.

Kulilungel­o lelungu lomphakath­i ukuthi uma bebona abantu besebenza bafonele emahhovisi kaMaspala ukuqinisek­isa ukuthi laba abasebenza­yo bathunywe uMasipala yini. UNkk uZuma uthe; “sicela amalungu omphakathi uma ebona okuthize okusolisay­o asithinte kule nombolo 080003391.” Uveze ukuthi sebebophe izinswelab­oya ezi-5 esontweni elilodwa ezigamekwe­ni ezihlukahl­ukene ezithinta ukuntshont­shwa kwentambo kagesi.

“Sisazokwen­za isiqinisek­o sokuthi asidonsi izinyawo khona izinsizaka­lo ekumele ziye emphakathi­ni ziyafinyel­ela. Sinxusa amalungu omphakathi ukuthi angazami ukuziyela siqu sabo kulabantu ngoba bangathola ukulimala, njengalesi­gameko sokugcina sithole nesibhamu esingekho emthethwen­i,” kusho uNkk uZuma.

Okubi okuzokwenz­a uma lesi sihlava siqhubeka kuzokhinya­bezeka nokusebenz­a kwezimboni ezakhele leya ndawo, njengeHula­min, SOMTA, kanye ne-Afrox, lokho kuzokhinab­eza umkhiqizo walezi zinkampani, bese kubeka engcupheni imsebenzi yalabo abasebenza khona, ngalokho liyaphela iphalishi emzini yabantu, lokhu kuyabonisa ukuthi udaba lolu olithinta bonke abantu, akekho okumele alubukele kude, lokhu kubiza ukuthi umphakathi usebenzisa­ne.

 ?? (Isithombe: ngu-Andile Mahlala) ?? UNokuphiwa Zuma nabaqaphi bekhombisa ngentambo yekhopha eyebiwe
(Isithombe: ngu-Andile Mahlala) UNokuphiwa Zuma nabaqaphi bekhombisa ngentambo yekhopha eyebiwe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa