Uyaqhubeka ngokuzigwaza ngowawo
UHULUMENI waseNingizimu Afrika usebenzisa izigidigidi njengengxenye yokufinyelelisa intuthuko emiphakathini. Khona lapho cishe masonto onke kuba nemibhikisho neziteleka uma kunokwantuleka kwezidingo emphakathini, kungaba ukuphela kwamanzi noma ugesi isikhathi eside. Iqiniso elingavamile ukuvezwa lapha wukuthi ezinye izimo zidalwa yiwo amalungu omphakathi anqinda intuthuko yawo ngokweba. Okudumile kulezi zenzo wukwebiwa kwamakhebula kagesi.
Kuyimanje uMsunduzi ubhekene nenkinga yokwebiwa kwezintambo zikagesi ezihamba phansi ezakhiwe ngekhopha. EMsunduzi uma izinto zebiwa kuke kushintshwe uhlobo lwento eyakhiwe ngayo, njengokuthi kwakwetshiwa ama mitha amanzi ngoba akhiwe ngebhronzi eheha izigebengu kwasetshenziswa amamitha kaplasitiki, kanjalo nompompi kwasetshenziswa amakhanda kaplasitiki, kodwa inkinga lokho kunzima ukukwenza ngentambo kagesi ngoba abenza izifundo zesayensi bayazi ukuthi izinto ezidlulisa kahle ugesi igolide, iplathinamu, isiliva bese kuba ikhopha. Ngokwamanani ikhopha yiyo engambi eqolo uma kuqhathaniswa nalokhu okunye, futhi ewudlulisa kahle ugesi.
Esigamekweni sakamuva onogada bakaMasipala babhadame izinswelaboya ebezisebenza ubusuku nemini zimba intambo ngaseHulamin eduze nomgwaqo uMoses Mabhida. Osabambe njengesikhulu sonogada eMsunduzi uNkk uNokuphiwa Zuma uthe; “Onogada bethu ngesikhathi behamba bezungeza njengenhlalayenza bazithele phezu kwabalisa ababili beqeda kuhluba intambo engabiza izinkulungwane ezingamakhulu amathathu (R300 000.00).”
Lezi zinswelaboya besezimbe indawo engalinganiselwa ema-250m. Le ntambo abayinqamulile intambo esebenza uma kunenkinga kagesi khona umphakathi ungeke uhlupheke ngokuhamba kukagesi uma le ntambo esebenza mihla namalanga inenkinga.
Okusho ukuthi uma le ntambo esebenzayo kuyimanje ingaba nenkinga umphakathi ngeke ukwazi ukuthola ugesi ngokushesha, kuyomele ulinde kuze kulungiswe leyo nkinga.
Kulilungelo lelungu lomphakathi ukuthi uma bebona abantu besebenza bafonele emahhovisi kaMaspala ukuqinisekisa ukuthi laba abasebenzayo bathunywe uMasipala yini. UNkk uZuma uthe; “sicela amalungu omphakathi uma ebona okuthize okusolisayo asithinte kule nombolo 080003391.” Uveze ukuthi sebebophe izinswelaboya ezi-5 esontweni elilodwa ezigamekweni ezihlukahlukene ezithinta ukuntshontshwa kwentambo kagesi.
“Sisazokwenza isiqiniseko sokuthi asidonsi izinyawo khona izinsizakalo ekumele ziye emphakathini ziyafinyelela. Sinxusa amalungu omphakathi ukuthi angazami ukuziyela siqu sabo kulabantu ngoba bangathola ukulimala, njengalesigameko sokugcina sithole nesibhamu esingekho emthethweni,” kusho uNkk uZuma.
Okubi okuzokwenza uma lesi sihlava siqhubeka kuzokhinyabezeka nokusebenza kwezimboni ezakhele leya ndawo, njengeHulamin, SOMTA, kanye ne-Afrox, lokho kuzokhinabeza umkhiqizo walezi zinkampani, bese kubeka engcupheni imsebenzi yalabo abasebenza khona, ngalokho liyaphela iphalishi emzini yabantu, lokhu kuyabonisa ukuthi udaba lolu olithinta bonke abantu, akekho okumele alubukele kude, lokhu kubiza ukuthi umphakathi usebenzisane.