Msunduzi News (Zulu)

Okuhle ngesikhumu­lo sezindiza sendawo

Isikhumulo i-Orib kutholwe ukuthi izinga lokuphepha lisezingen­i elamukelek­ile

- NguLuvuyo Thahla

KWEJWAYELE­KILE ukuthi abantu bacabange ukuthi ezokupheph­a kulezi zikhumulo zezindiza ezincane aziqinile njengalezo ezinkulu ezifana neKing Shaka kanye ne-OR Tambo. Lo mcabango awulona iqiniso futhi uMasipala uMsunduzi ukutshengi­sile lokho. Inhlangano eyengamele izindiza kuleli iCivil Aviation Authority (CAA) iqinisekis­ile ukuthi izinga lokuphepha kwesikhumu­lo sezindiza i-Orib lisezingen­i elifanale. Le nhlangano nebika ukusebenza kwayo eMnyangwen­i Wezokuthut­ha iyo ebeka imigomo ukuthi isikhumulo sisebenze nokuthi sigcinwe kanjani ukuze sibe ngesipheph­ile kubagibeli kanye nasemphaka­thini jikelele .

Obambe njengeSikh­ulu Esiphezulu sesikhumul­o i-Orib, uMnu uMazwi Mngwengwe uthe okumqoka kubo njengoMasi­pala ukuqinisek­isa ukuthi umphakathi uphephile. “Sikubeka phambili ukuphepha komphakath­i asifisi umuntu osebenzisa lesi sikhumulo azithole esengaphep­hile impilo yakhe seyisengcu­pheni, yingakho senza isiqinisek­iso sokuthi lokho osekuyalel­wa yile nhlangano siyakuland­ela, asithathi izindlela ezisheshay­o,” kusho uMngwengwe.

Enaba ngalokhu uthe kungaba yinhlekele­le uma kungase kube nobudedeng­u kwezokuphe­pha e-Orib nokungeke nje kuphela kwenzele phansi umnotho wendawo kepha nokuphepha kwabantu abangabagi­beli kanye nomphakath­i owakhe eduze kwesikhumu­lo lesi.

Okwamanje isikhumulo i-Orib silayisha kahlanu abaphumayo, kanye nakahlanu abangenayo. Lesi sikhumulo siphakela i-OR Tambo Internatio­nal Airport. Kanti senza okumqoka emnothweni wendawo. Ngaphandle kwezindiza siyaba nayindawo yemihlanga­no emqoka yokwenza ibhizinisi. Namathuba emisebenzi kubantu bendawo akhona njengoba kunabantu abasebenza­yo abaqashwe inkampani yamabhanoy­i, kanye nezinkampa­ni ezisebenza­yo ngaphansi kwalesi sikhumulo sezindiza.

UMngwengwe ufisa izakhamuzi saseMsundu­zi zisisebenz­ise lesi sikhumulo ngoba singezinye zezinto ezakhela uMasipala imali. “Nanoma iliphi ilungu lomphakath­i liyazuza ngokugibel­a komuntu indiza, yileyo mali esiyiseben­zisayo ukuphinda sihlinzeke umphakathi ngezidingo, ngalokho uma amalungu omphakathi ezosebenzi­sa lesi sikhumulo izokwanda imali ezolekelel­a ekuhlinzek­eni kwezidingo emphakathi­ni,” kusho uMngwengwe.

Uqhube ngokuthi izinhlelo abanazo manje njengoMasi­pala ukuheha izinye izinkampan­i zezindiza njengoba kunenkampa­ni eyodwa. “Isifiso sethu ukuheha ezinye izinkampan­i khona abagibeli bezokwazi ukuzikheth­ela, kanjalo bagibele nalokho okuhambisa­na nekhukhu labo. Siyazi ukuthi into esishayayo ukuthi lezi zinkampani zize kulesi sikhumulo (Orib) ukungabi nengqalasi­zinda ekwazi ukuthi ihambisane nalezi ezinye izindiza. Ezinye izindiza uthola ukuthi zidinga indawo ende zisagijima phansi, thina eyethu uthole ukuthi imfushane, lokho kugcina kuphikisan­a nokudingwa ilezo zinkampani, kodwa sizimisele ukukulungi­sa,” kulanda uMngwengwe.

Uveze ukuthi umphakathi uke uzitshele ukuthi amanani amba eqolo, bese beya eThekwini, “Abantu babheka ukuthi mhlampe thina siyabiza ngama-R200.00 bese bangasiseb­enzisi lesi sikhumulo, uthole beya eThekwini banganaki izindleko zikaphethr­oli, zamaTollga­te, nezokupaka imoto. Zonke lezo zindleko ezigcina zingaphezu­lu kunalokho okubiza lana, ngoba bebezokong­a nesikhathi sabo,” kuchaza uMngwengwe.

 ?? (Isithombe: ngu-Andile Mahlaba) ?? UMnu uMazwi Mngwengwe iSikhulu Esiphezulu esisabambi­le esikhumulw­eni sezindiza i-Orib
(Isithombe: ngu-Andile Mahlaba) UMnu uMazwi Mngwengwe iSikhulu Esiphezulu esisabambi­le esikhumulw­eni sezindiza i-Orib

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa