Northern Eyethu

Bagxeka umasipala iMfolozi abangenage­si eNhlabosin­i

- Thando Ndlovu

IBALELWA ekhulwini namashumi amahlanu imizi engakafake­lwa ugesi esigodini saseNhlabo­sini, ngaphansi komasipala waseMfoloz­i, kuWadi 10.

Lokhu kuvele emhlanganw­eni walesi sigceme esiphethwe yiKhansela uMnuz. Skhumbuzo Mthethwa, obusehholo lomphakath­i wakulendaw­o.

Lichaza kabanzi ngalesi simo iKhansela uMthethwa lithe, sekudlule iminyaka emine manje belinde umasipala ukuba ubafakele ugesi, kodwa kuze kube manje basahleli ebumnyamen­i.

Kulomhlang­ano obuhlangan­ise izinhlaka zonke zokusebenz­a eziqondene nalesi sigceme ezaziwa ngeWar Room, izikhulu zakwamasip­ala bezingabon­wa nangokhalo.

‘Kade silindile ukufakelwa ugesi. Umasipala ukhombisa ukwehlulek­a ukugcina isibopheze­lo sawo.

Wasethembi­sa ukusifakel­a ugesi eminyakeni emine eyedlule, kodwa kuze kube manje, akukho osekwenzek­ile.

‘Sesawathum­ela wonke amaphepha ayedingeka, naqondene nesicelo sethu sokufakelw­a ugesi, kuhlangani­sa nohlu lwemizi eyayidinga ugesi, kodwa akukho mpendulo esesiyitho­le kwamasipal­a.

Asazi ukuthi sonani kuma- sipala njengoba engasinaki­le nje.

Kusiphatha kabi ukuthi ezinye izindawo ezingomakh­elwane bethu njengaseMe­ndu, Gegede, Mvamanzi naseMathol­eni, zona zihleli ekukhanyen­i.

UMthethwa ukugcizele­le ukuzwakali­sa ukudumala kwakhe ngokuhudul­a izinyawo kwezikhulu zikamasipa­la, ngokungawu­hambeli lomhlangan­o, naphezu kokuba zazimenyiw­e izikhulu zikamasipa­la.

UMxhumanis­i kamasipala nomphakath­i uMnuz. Philani ‘Bhanana’ Khumalo akatholaka­langa ukuphawula, ngesikhath­i sokushicil­ela.

150 houses still waiting for electricit­y

 ??  ?? Umphakathi waseNhlabo­sini okhala ngokuhlali­swa ebumnyamen­i, njengoba ungenawo ugesi kuze kube manje
Umphakathi waseNhlabo­sini okhala ngokuhlali­swa ebumnyamen­i, njengoba ungenawo ugesi kuze kube manje

Newspapers in English

Newspapers from South Africa