Umasipala awufakele abantu baseNhlabosini ugesi
Kuyishwa nje ukuthi naphezu kokuba izwe selibuswa ngokwenqubo yentando yeningi, kusenabantu ababukeka besengaphansi kwengcindezelo. Loludaba esibike ngalo kuleliphephandaba mayelana nomphakathi waseNhlabosini, okhala ngokungafakelwa ugesi, lushayisa ngovalo. UMasipala waseMfolozi, okuyiwona owakhelwe ukubheka inhlalakahle yabantu balendawo ubukeka uzithela ngabandayo.
Miningi imibuzo lomasipala okumele uyiphendule kulesi sikhalazo salomphakathi.
Kuyamangalisa ukubona umasipala ungalusukumeli udaba lwesicelo esafakwa eminyakeni emine edlule sokufakelwa kogesi eNhlabosini.
Uma imizi ibalelwa ekhulwini namashumi amahlanu ingenawo ugesi, lokho kuyafana nje nokuthi kunabantu abacishe bafinyelele kwingxenye yesigidi abahlala ebumnyameni.
Lohulumeni wentando yeningi wawuzele ukuzoletha izinguquko ezimpilweni abantu.
Kuyishwa ke ukuthi abantu baseNhlabosini bona abanakiwe, ngesikhathi abanye beyibona intuthuko ezindaweni zabo.
Okucasula kakhulu lomphakathi waseNhlabosini wukuthi uyababona abanye omakhelwane abasondelene nabo behleli ekukhanyeni.
Izindawo ezifana naseMendu, Gegede, Mvamanzi naseMatholeni zona ziqhakazile, yize zisondelene kakhulu nalendawo yaseNhlabosini.
Kubi lokhu okwenziwa yilomasipala, ukuklaya abantu phakathi.
Bonke abantu bangabakahulumeni. Uma kukhona uhlelo lokulethwa kwezidingonqangi emphakathini, kumele kuhlomule bonke abantu, bangabi bikho abakhishwa iphela emasini.
Kwakhona nje ukuthi izikhulu zalomasipala zingalubhadi ngisho emhlanganweni owawubizwe yikhansela lesigceme sikaWadi 10, akukhombisi ukuthi bazimisele ukusebenzela abantu.
Kuyoba kuhle izikhulu neziphathimandla zalomasipala, zishintshe ukwenza, ngoba abantu bayabuka, kanti nokhetho lohulumeni basekhaya alusekude kangako.Umasipala awenze okuyikho, ufakele abantu ugesi.