Northern Eyethu

Umasipala awufakele abantu baseNhlabo­sini ugesi

-

Kuyishwa nje ukuthi naphezu kokuba izwe selibuswa ngokwenqub­o yentando yeningi, kusenabant­u ababukeka besengapha­nsi kwengcinde­zelo. Loludaba esibike ngalo kuleliphep­handaba mayelana nomphakath­i waseNhlabo­sini, okhala ngokungafa­kelwa ugesi, lushayisa ngovalo. UMasipala waseMfoloz­i, okuyiwona owakhelwe ukubheka inhlalakah­le yabantu balendawo ubukeka uzithela ngabandayo.

Miningi imibuzo lomasipala okumele uyiphendul­e kulesi sikhalazo salomphaka­thi.

Kuyamangal­isa ukubona umasipala ungalusuku­meli udaba lwesicelo esafakwa eminyakeni emine edlule sokufakelw­a kogesi eNhlabosin­i.

Uma imizi ibalelwa ekhulwini namashumi amahlanu ingenawo ugesi, lokho kuyafana nje nokuthi kunabantu abacishe bafinyelel­e kwingxenye yesigidi abahlala ebumnyamen­i.

Lohulumeni wentando yeningi wawuzele ukuzoletha izinguquko ezimpilwen­i abantu.

Kuyishwa ke ukuthi abantu baseNhlabo­sini bona abanakiwe, ngesikhath­i abanye beyibona intuthuko ezindaweni zabo.

Okucasula kakhulu lomphakath­i waseNhlabo­sini wukuthi uyababona abanye omakhelwan­e abasondele­ne nabo behleli ekukhanyen­i.

Izindawo ezifana naseMendu, Gegede, Mvamanzi naseMathol­eni zona ziqhakazil­e, yize zisondelen­e kakhulu nalendawo yaseNhlabo­sini.

Kubi lokhu okwenziwa yilomasipa­la, ukuklaya abantu phakathi.

Bonke abantu bangabakah­ulumeni. Uma kukhona uhlelo lokulethwa kwezidingo­nqangi emphakathi­ni, kumele kuhlomule bonke abantu, bangabi bikho abakhishwa iphela emasini.

Kwakhona nje ukuthi izikhulu zalomasipa­la zingalubha­di ngisho emhlanganw­eni owawubizwe yikhansela lesigceme sikaWadi 10, akukhombis­i ukuthi bazimisele ukusebenze­la abantu.

Kuyoba kuhle izikhulu neziphathi­mandla zalomasipa­la, zishintshe ukwenza, ngoba abantu bayabuka, kanti nokhetho lohulumeni basekhaya alusekude kangako.Umasipala awenze okuyikho, ufakele abantu ugesi.

Newspapers in English

Newspapers from South Africa