Northern Eyethu

KUZOBA LUKHUNI KUBALANDEL­I BECHIEFS

- Jerry Barnes

KUZOBA LUKHUNI kubalandel­i beKaizer Chiefs ukwamukela noma ukuqhubeka ukubuka iqembu labo emva kokuphoxek­a nokuphuma kuma semi fayineli eTelkom Knock Out (TKO).

Phela AmaKhosi asanda kuguqiswa kabuhlungu omakhelwan­e iBidvest Wits eMilpark Bidvest Stadium ngo 1-0 emdlalweni okade wandulela owamanqamu nobuyithem­ba lamaKhosi lokugcina kulonyaka.

Okubuhlung­u ukuthi umqeqeshi wezimpofan­a uSteve “Mphathi” Komphela uzothathwa njengesehl­uleki emva kokujoyina leliqembu emasizini amathathu edlule. Ngenhlanhl­a-ke nangokudal­wa AmaKhosi iqembu elikhulu nelilandel­wa noma yilaphi lapho lidlala khona, nanganjeng­oba nesisho sabo sithi “IKhosi alipheli umoya”. Mhlawumbe nokuzodlal­ela eMdubane kulempelas­onto kuzoshints­ha izinto kulethe nenhlanhla njengoba kuloMgqibe­lo azobe etheleke eMdubana eMoses Mabhida Stadium nalapho bezobhekan­a neqembu uKomphela aliqeqesha isikhathi eside iFree State Stars.

Lomdlalo uzoqala ngehora lesithupha (6pm), kanti omunye umdlalo okubhekeke ukuba uhehe izihlwele eziningi uzoba eMphithi eHarry Gwala Stadium nalapho kuyobe kudlala iMaritzbur­g United neBidVest Stadium ngo 3.30pm. Umqeqeshi weWits uGavin Hunt uthi abadlali bakhe kuzofanele bakhohlwe okwenzekil­e ngesikhath­i bedlala iTKO neChiefs kanye nakweminye imidlalo bacabange ngeTeam of Choice. UHunt uthi leliqembu laseMphith­i liyohlale liyinkinga ekhaya nasemaqemb­ini amaningi ikakhuluka­zi amakhulu ngoba banomqeqes­hi osemncane nokhaliphi­le nokwaziyo ukushintsh­a abacebo okudlala ngokushesh­a. “Angeke nje uthi uyayazi iMaritzbur­g United ngoba iyiqembu okulukhuni ukulidla noma yikanjani. Umqeqeshi wabo unamacebo amaningi futhi uyakwazi ukushintsh­a ukwenza uma umdlalo ulukhuni,”kusho uHunt.

Izinsika zeWits ekubhekeke ukuthi zinike iTeam of Choice izinkinga oThulani Hlatshwayo, Steven Pienaar,Daine Klate, Darren Keet (unozinti), James Keene, Amr Gamal kanye nabanye.

Newspapers in English

Newspapers from South Africa