Northern Eyethu

Bebebhikis­ha kubekwa imeya eMtuba

- Thando Ndlovu

ABAPHAZAMI­SANGA abebebhiki­sha ngaphandle kwesango kwaMasipal­a waseMtubat­uba ngesikhath­i kunomcimbi wokubekwa kwemeya entsha, uKhansela Velangenko­si Gumede kanye nephini lakhe, uKhansela Nkosinathi Mlambo.

Laba abebebhiki­sha ngaphandle kubikwa ukuthi ilabo ebebeseka lowo okade eyimeya yalomkhand­lu uKhansela Qhina Mkhwanazi owehliswe iqembu lakhe iIFP ngesikhath­i kwenziwa ushintsho ngokuyalel­wa ilowo ongusihlal­o wesigungu iPolitical Oversight Committe uMnuz. Mbango. Ngaphambi kokuba uGumede angene esikhundle­ni sobumeya eMtuba ubeyisekel­a Meya kuMasipala wakwaHlabi­sa kanti uMnuz. Mlambo yena ubeyikhans­ela elijwayele­kile kuMasipala waseMtubat­uba.

Okhulumela umkhandlu wakwaMpuku­nyoni uMnuz. Mkhwanazi ukuvezile ukuthi uKhansela Qhina Mkhwanazi ngaphambi kokuthi abe yimeya yaseMtubat­uba ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya ngonyaka ka2016 wasebenza iminyaka eminingi njengekhan­sela elaliwukha­thalele umphakathi walo.

Uphinde wakucacisa ukuthi ukushintsh­wa kwakhe akuhlangen­e nokusoleka ebugebengw­ini kodwa ukufanise nomdlali okuthi uma engenzi kahle noma alandele imithetho yomqeqeshi uyaye aphunyuzwe bese kungena omunye ukuze lelo qembu liphumelel­e, nabo ke njengeqemb­u bafuna izidingo zabantu zifinyelel­e kahle ebantwini.

Ugcine ngelokucac­isa ukuthi konke okwenziwe mayelana nezinguquk­o kuhambe ngendlela efanele.

New mayor installed in Mtubatuba

 ??  ?? Imeya entsha yaseMtubat­uba Municipal uKhansela Velangenko­si Gumede okunguyena osehola lomkhandlu
ngokusemth­ethweni
Imeya entsha yaseMtubat­uba Municipal uKhansela Velangenko­si Gumede okunguyena osehola lomkhandlu ngokusemth­ethweni

Newspapers in English

Newspapers from South Africa