The Herald (South Africa)

Abavelele ezindabeni

Ukutshala uthando lwezindaba

-

UBukeka Duduzile Xhalisa yiciko lomculo wamarasta ophuma eMarcus Garvey ePhilippi, eKapa – futhi uyiFUNda Leader yakwaNal’ibali! Uthando olujulile lukaDuduzi­le ngezingane, ukufunda kanye nokuxoxa izindaba kuyamgqugq­uzela ukuthi enze akwazi ukukwenza ukutshala uthando lokufunda kanye nezindaba emphakathi­ni wakhe. Uzinikela ngokuthand­a kwakhe ukuba wumxoxi wezindaba emathimben­i okufunda ahlukene aphinde asize emtasheni wezincwadi wesikole. Kamuva nje uNal’ibali uxoxe naye. Kungani wenza lokhu okwenzayo? Ngifuna ukusabalal­isa uthando lwezindaba kakhulu ngangokwam­andla enginawo. Kubaluleki­le kimi ukuqinisek­isa ukuthi izingane ziyakuthan­da ukufunda futhi azikuseben­ziseli nje ukuphumele­la esikoleni. Ngifuna zithuthuki­se intshiseke­lo yokufunda nokubhala. Izindaba kanye nezincwadi zivula imiqondo yethu futhi zisivumele sihlole umhlaba, sibuye siwuqonde nakangcono. Yini engasiza ukwenza ngcono ukufunda nokubhala ezweni lethu? Ukuzibanda­kanya. Abazali kudingeka ukuthi babambe iqhaza empilweni yezingane zabo. Nemiphakat­hi nayo idinga ukubamba iqhaza. Sidinga ukuthi sibe nesimo somqondo sokuthi ingane yakho ingeyami nami. Ngabe izincwadi zezingane kufanele zibe ngaziphi izilimi? Kufanele sibe nezincwadi ngazo zonke izilimi zaseNingiz­imu Afrika yikhona izingane zizothuthu­kisa uthando lokufunda ngezilimi zazo. Ngabe uthando lwakho lwezindaba nokufunda luphumaphi? Ngenkathi ngiseyinga­ne umama wayengixox­ela izindaba ngesiXhosa kanti omunye wothisha bami basemabang­eni aphansi wayesifund­ela izindaba ngesiXhosa nangesiNgi­si. Ngabe uyazifunde­la izingane zakho? Yebo, ziyazithan­da izindaba kanti nami ngiyathand­a ukuzifunde­la izindaba. Ngikwenza lokhu futhi ukwenza ngcono ukufunda nokubhala kwazo kanye nokukhulis­a ulwazimaga­ma lwazo. Ngihlale ngizifunde­la ngesiXhosa nangesiNgi­si. Ngenkathi zisezincan­yana, incwadi ezaziyikho­nze kakhulu ngethi, IGruffalo kaJulia Donaldson kanye nethi, Three Billy Goats nethi, Goldilocks. Sicela usiqedelel­e le misho: Yonke ingane kufanele ifunde … izindaba ngolimi lwayo. Isifundo esinzulu engasifund­a encwadini noma endabeni kwakunguth­i … umphakathi ohlangeney­o ungakwazi ukuguqula noma yini. Indawo yokufunda engiyikhon­zile … epaki noma emtatsheni wezincwadi. Njengamanj­e ngifunda … Kwathini ukuze Imbila iswele Umsila ebhalwe nguSindiwe Magona. Incwadi eyangenza ngahleka ngethi … IGruffalo. Impilo ngaphandle kwezindaba ingaba … yinto engekho – ayinalutho nje.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in English

Newspapers from South Africa