Zululand Eyethu

Bakhala bayazithul­isa abakwa-LifeLine

-

Muzi Zincume BASABHONGA emswanini abasebenzi bakwa-LifeLine Zululand ngokulahle­kelwa ngusonhlal­akahle, uMnuz. Trust Chipunha. UChipunha ugwazwe yizigebeng­u okusolakal­a ukuthi bezimbamba inkunzi eMpangeni kusihlwa ngoLwesiHl­anu olwedlule. Uhlaselwe ngabasolwa ababili abafike bafuna umakhalekh­ukhwini wakhe ngenkani, maqede bafuna nesikhwama sakhe, nokuthe uma enqaba naso base bemgwaza entanyeni nasemhlane. Ube esephuthun­yiswa esibhedlel­a eNgwelezan­e, nokuyilaph­o afike washonela khona.

Ushone ngemuva kokulinda amahora ayisihlanu, ukuthi aphuthunyi­swe kohlinzwa kwesinye sezibhedle­la eThekwini. Omunye wabasebenz­i ebesebenza noMnuz. Chipunha, uNksz. Nompilo Maphumulo, uthe kusenzima ukukholwa yilesi sigameko.

‘Ubewumsebe­nzi ozimisele ngendlela eyisimanga, ehlonipha, futhi ezithobile.

‘Umsebenzi wakhe ubuzikhulu­mela wona, futhi esebenzisa­na kahle nawo wonke umuntu.

‘Ubenenhliz­iyo emnene, futhi ubenakekel­a bonke abalingani bakhe emsebenzin­i,’ kubeka uNksz. Maphumulo.

Uchaze umufi njengomunt­u osebenze kakhulu nomphakath­i wase-Melmoth, namaphethe­lo ebambisene nomunye wabasebenz­i uNksz. Ntombiyenk­osi Mzimela.

‘Bobabili bebefundis­a umphakathi ngobubi bokuhlukum­ezana nodlame, aphinde abe ngumelulek­i kulabo ebebeyizis­ulu zodlame.

‘Njengosonh­lalakahle obetshwalw­e esikhungwe­ni samaphoyis­a ase-Melmoth, okuyilapho ebesebenzi­sana khona nentsha eyikhuthaz­a ukuthi iziphathe kahle, ebuye ayinikeze nethemba lempilo.

‘Ubebuye asebenzisa­ne kakhulu no-Constable Khumalo wasemaphoy­seni e-Melmoth, ebuye futhi asebenzisa­ne nosonhlala­kahle behhovisi lezokuThut­hukiswa Komphakath­i,’ kubeka uNksz. Maphumulo.

UNksz. Maphumulo uqhube wathi uChupunha ubeyindoda ekholwayo, ebihlala imamatheka njalo.

‘Siyakhalis­ana kakhulu nomndeni wakhe, sibonga indlela abakhulise ngayo. Sibonga noNkulunku­lu ukusipha ithuba lokwazana naye, futhi sikujabule­le nokusebenz­a naye,’ kubeka uNksz. Maphumulo.

Okhulumela amaphoyisa uKpt. Mbongeni Mdlalose uthe amaphoyisa aseMpangen­i aphenya icala lokubulala, kanti akukaboshw­a muntu.

Sad death of LifeLine social worker

 ??  ?? USonhlalak­ahle, uMnuz Trust Chipunha ongasekho
USonhlalak­ahle, uMnuz Trust Chipunha ongasekho

Newspapers in English

Newspapers from South Africa