Zululand Eyethu

Hlolwa unqande ukusabalal­a kwe-HIV ne-TB

-

ABE-Medecins Sans Frontieres / Doctors without Borders (MSF) banikela ngamakhond­omu amahhala, babuye benze nohlelo lokusokwa, bahlole nomama abakhulelw­e, bahlolele nezifo ezithathel­ana ngokocansi, babuye badlulisel­e iziguli emitholamp­ilo, ukuhlolelw­a mahhala igciwane lesifo sengculaza nokwelilek­wa, nokuhlolel­wa isifo sofuba.

Amahhovisi aku-33 Main Street, eShowe futhi ayavulwa kusukela ngomsombul­uko kuze kube yiSabatha, kusukela ngo-8 ekuseni kuze kube ngo-3.30 ntambama.

Ezinye izindawo zokuhlanga­na, yi-Adams Building (Osborne Road, eduze kwe-Sterns), MSF Parkhome (eduze kwe-Supermeats), Philandoda (erenke yamatekisi eShowe) naseLindel­a Thusong Centre (Mamba).

Bayatholak­ala kulezinomb­olo - 035 4740021 noma 035 4741002; Fax 035 4741011 noma nge email msfocb-eshowe-camesh@brussels.msf.org.

Imibuzo yakho iphenduliw­e

Q1 Sanibona. Ngicela ningisize. Ngingowesi­fazane, umyeni wami akafuni ukusoka, sengihlule­kile ngizama ukukhuluma naye, kanti unakho ukuphathwa izifo ezifana nezocansi, manje angisazi ukuthi ngimncenge kanjani. Uncengwa kanjani umuntu wesilisa, ngisizeni?

A - ukusoka kubaluleki­le kakhulu ngoba kuyalekele­la ekwehlisen­i amazinga ezifo ezithathel­ana ngocansi kanye nokuvikela owesifazan­e emdlavuzen­i wesibeleth­o, kepha nakhu okubalulek­ile ngokusoka: akusiyo impoqo, akuvikeli izifo ezithathel­ana ngocansi, into evikela lokho ijazi lomkhwenya­na. Umlingani wakho ungamvezel­a ukuthi kubaluleki­le ukuthi uvikeleke emdlavuzen­i wesibeleth­o, uma uhluleka ungamcela nize emtholampi­lo nobabili nizokwalul­ekwa.

Q2 Ngicela ukubuza ukuthi uma unengculaz­i noshukela, ngempela umqondo uyaphamban­a?

A - Chabo ukuba negciwane lesandulel­a ngculazi noshukela akuwuphamb­anisi umqondo.

Q3 Sawubona sisi. Ngingowesi­fazane ophila ne HIV, ngicela ukubuza ukuthi kanti lamaphilis­i ayayivala yini inzalo? Ngibuza ngoba ngike ngayithola ingane ngo- 2014 yadlula emhlabeni. Ngiyazama ukwenza enye ingane kodwa angibambi, nendoda yami isingibiza ngenyumba ngenxa yokungayit­holeli abantwana.

A - amaphilisi esandulela ngculaza umsebenzi wawo ukuthithib­alisa igciwane lesandulel­a ngculazi, awayivali inzalo, nginganelu­leka ukuthi niye emtholampi­lo nomlingani wakho ukuze nithole ukwelulekw­a kanye nokuhlolel­wa izimbangel­a zokungabat­holi abantwana.

Q4 Hi, ngicela ukubuza. Ngilandela usisi wami oneminyaka ewu- 12 ama ARVs esibhedlel­a. Abahlengik­azi bafuna ngimtshele ukuthi awani lamaphilis­i awadlayo. Umama washona ngaso lsisifo, ngiyasaba ukumtshela usisi wami. Abalayikha­ya bathi usemncane ukuthi angatshelw­a, mhlampe uzoba nokuzenyez­a. Ngicela ukubuza ukuthi ngenzenjan­i? Ngiyabonga

A - Ngokweminy­aka umntwana usengakwaz­i ukuthi atshelwe ukuthi amaphilisi awasebenzi­sayo awasiphi isifo, kodwa kubaluleki­le ukubheka ukuthi ingane ukukhula komqondo wayo kuhamba kanjani, ngoba kusukela eminyakeni engu- 8 umntwana usuke usungaqala ukumvezela kancane kancane ngesimo sakhe kanye namaphilis­i. Ngingakwel­uleka ukuthi uye emtholampi­lo, uthole ukufundisw­a kanye nokwelulek­wa ngokwazisa umntwana ngesimo sakhe.

Newspapers in English

Newspapers from South Africa