Hlolwa unqande ukusabalala kwe-HIV ne-TB
ABE-Medecins Sans Frontieres / Doctors without Borders (MSF) banikela ngamakhondomu amahhala, babuye benze nohlelo lokusokwa, bahlole nomama abakhulelwe, bahlolele nezifo ezithathelana ngokocansi, babuye badlulisele iziguli emitholampilo, ukuhlolelwa mahhala igciwane lesifo sengculaza nokwelilekwa, nokuhlolelwa isifo sofuba.
Amahhovisi aku-33 Main Street, eShowe futhi ayavulwa kusukela ngomsombuluko kuze kube yiSabatha, kusukela ngo-8 ekuseni kuze kube ngo-3.30 ntambama.
Ezinye izindawo zokuhlangana, yi-Adams Building (Osborne Road, eduze kwe-Sterns), MSF Parkhome (eduze kwe-Supermeats), Philandoda (erenke yamatekisi eShowe) naseLindela Thusong Centre (Mamba).
Bayatholakala kulezinombolo - 035 4740021 noma 035 4741002; Fax 035 4741011 noma nge email msfocb-eshowe-camesh@brussels.msf.org.
Imibuzo yakho iphenduliwe
Q1 Sanibona. Ngicela ningisize. Ngingowesifazane, umyeni wami akafuni ukusoka, sengihlulekile ngizama ukukhuluma naye, kanti unakho ukuphathwa izifo ezifana nezocansi, manje angisazi ukuthi ngimncenge kanjani. Uncengwa kanjani umuntu wesilisa, ngisizeni?
A - ukusoka kubalulekile kakhulu ngoba kuyalekelela ekwehliseni amazinga ezifo ezithathelana ngocansi kanye nokuvikela owesifazane emdlavuzeni wesibeletho, kepha nakhu okubalulekile ngokusoka: akusiyo impoqo, akuvikeli izifo ezithathelana ngocansi, into evikela lokho ijazi lomkhwenyana. Umlingani wakho ungamvezela ukuthi kubalulekile ukuthi uvikeleke emdlavuzeni wesibeletho, uma uhluleka ungamcela nize emtholampilo nobabili nizokwalulekwa.
Q2 Ngicela ukubuza ukuthi uma unengculazi noshukela, ngempela umqondo uyaphambana?
A - Chabo ukuba negciwane lesandulela ngculazi noshukela akuwuphambanisi umqondo.
Q3 Sawubona sisi. Ngingowesifazane ophila ne HIV, ngicela ukubuza ukuthi kanti lamaphilisi ayayivala yini inzalo? Ngibuza ngoba ngike ngayithola ingane ngo- 2014 yadlula emhlabeni. Ngiyazama ukwenza enye ingane kodwa angibambi, nendoda yami isingibiza ngenyumba ngenxa yokungayitholeli abantwana.
A - amaphilisi esandulela ngculaza umsebenzi wawo ukuthithibalisa igciwane lesandulela ngculazi, awayivali inzalo, nginganeluleka ukuthi niye emtholampilo nomlingani wakho ukuze nithole ukwelulekwa kanye nokuhlolelwa izimbangela zokungabatholi abantwana.
Q4 Hi, ngicela ukubuza. Ngilandela usisi wami oneminyaka ewu- 12 ama ARVs esibhedlela. Abahlengikazi bafuna ngimtshele ukuthi awani lamaphilisi awadlayo. Umama washona ngaso lsisifo, ngiyasaba ukumtshela usisi wami. Abalayikhaya bathi usemncane ukuthi angatshelwa, mhlampe uzoba nokuzenyeza. Ngicela ukubuza ukuthi ngenzenjani? Ngiyabonga
A - Ngokweminyaka umntwana usengakwazi ukuthi atshelwe ukuthi amaphilisi awasebenzisayo awasiphi isifo, kodwa kubalulekile ukubheka ukuthi ingane ukukhula komqondo wayo kuhamba kanjani, ngoba kusukela eminyakeni engu- 8 umntwana usuke usungaqala ukumvezela kancane kancane ngesimo sakhe kanye namaphilisi. Ngingakweluleka ukuthi uye emtholampilo, uthole ukufundiswa kanye nokwelulekwa ngokwazisa umntwana ngesimo sakhe.