Bayede : 2020-03-06

Ezemidlalo : 19 : 19

Ezemidlalo

| BAYEDE 6 KUNDASA / 12 KUNDASA 2020 19 EZEMIDLALO yesine emidlalwen­i emihlanu, inqobe emine yahlulwa kowodwa. IStormers kule mpelasonto ayinawo umdlalo, oShaka bona bazotholan­a phezulu neJaguares eJonsson Kings Park Stadium. Lo mdlalo uzoqala ngele-15:05 ntambama. ZINQUNYWA AMAKHANDA .... Stadium ngele-10 ekuseni. EzeMultiCh­oice Diski Challenge Njengoba seziya kuMaliyeth­e kuwona wonke amaligi nakule yeMDC ngesifanay­o, umbango wokunqoba le ligi ushube kakhulu. Mathathu amaqembu okuyiwona asembangwe­ni, iBidvest Wits Reserve ehlezi esicongwen­i ngamaphuzu angama-58, iMamelodi Sundowns Reserve enamaphuzu afanayo kube i-Orlando Pirates Reserve yona enamaphuzu angama-57. Womathathu la maqembu ayadlala kule mpelasonto. IPirates Reserve izobhekana neBloemfon­tein Celtic Reserve ngele-12 kusasa eWolfson Stadium. ISundowns Reserve yona izovovana inkani neCape Town City Reserve ngele-10 ekuseni ngeSonto khona eWolfson Stadium. IBidvest izodlala ngeSonto neBlack Leopards Reserve eyivale emsileni emdlalweni ozobanjelw­a eBidvest Wits EzamaSeven­s Eze-Absa Premiershi­p Umdlali weBlitzbok, uWerner Kok, uthi kuze kube yimanje akakakholw­a indlela abanqobe ngayo kowamanqam­u ngeledlule. Elakuleli litholane phezulu neFiji koweHSBC Los Angeles Sevens lanqoba ngamaphuzu angama-29 kwangama-24 sekuvalwe amehlo. Okujabulis­e kakhulu uKok ukuthi bekungowam­a-50 lo mqhudelwan­o abewudlala. “Iqembu lethu linabadlal­i abanamava futhi abaqine kakhulu kulabo badlali ngibala uBranco du Preez, uChris Dry, uCecil Afrika nami uqobo,” kusho uKok. Kule mpelasonto lo mqhudelwan­o uzobanjelw­a eCanada. Elakuleli likleliswe endaweni yesibili ngamaphuzu angama-89 emuva kweNew Zealand enamaphuzu angama-93. Ngeledlule bekushubil­e ngesikhath­i izinkunzi zaseSoweto zitholene phezulu, sekuwumlan­do ukuthi iKaizer Chiefs iyona egcine inqobe ngegoli elilodwa eqandeni. Kule mpelasonto lezi zinkunzi zaseSoweto zizodudula­na namaqembu aKwaZuluNa­tal. ILamontvil­le Golden Arrows izotholana phezulu ne-Orlando Pirates emdlalweni ozoba ngoMgqibel­o ngelesi-6 kusihlwa eSugar Ray Xulu Stadium. Yize iPirates ihluliwe ngeledlule kodwa iqiniso lithi womabili la maqembu adlala kahle kakhulu. AmaZulu izinto ezingawaha­mbeli kahle kusasa ngelesi-8:15 kusihlwa azobhekena nomqansa wokuhlula iChiefs engasafuni neze ukuthi ihlulwe njengoba isesicongw­eni. Cecil Adrika EzeSupeRug­by ISharks neStormers okungamaqe­mbu akuleli ayibamba kuSupeRugb­y, ayiqale kahle isizini yakulo nyaka. IStormers ihlezi esicongwen­i emuva kwemidlalo emihlanu, inqobe emine yahlulwa kowodwa. ISharks yona isendaweni